Ithwasa Lekhansela libavale umlomo abalidicilela phansi
KUPHUME nesinedolo sabhikla ingoma ngesikhathi Ithwasa Lekhansela licula bukhoma amanoni ezingwazi zomculo kamaskandi, eThembalihle KwaMashu ngoMgqibelo.
Ezingomeni ahlanyise ngazo izihlwele lo mculi, kubalwa eyeHhashi Elimhlophe ethi Inkiyankiya, ekaShwi Nomtekhala ethi Ngafa, eyeNdidane ethi Iyodibana Nini, ekaMfazomnyama ethi Ngisebenzile Mama, ekaKhansela noJBC ethi Ivila, ekaPhuzekhemisi ethi Imbizo, ekaSandile Mbongwa ethi Mina Sengigugile nezabanye.
Ithwasa Lekhansela ebeliphelezelwa yibhendi ephelele, lithe belizokwethula izinkumbi zabalandeli balo.
“Kunabantu abahambe bekhuluma kabi ngami kubahleli bemicimbi bethi angingaqashwa mina ngoba anginamlandeli. Yini kanti le? Akubona yini abalandeli bami?” ekhomba ezinkumbini zabantu ebezigqoke izikibha namakepisi okumpunga nelinye iqulu ebelingawufakile umfaniswano.
“Ngifuna nifike ngobuningi benu nizongiseka emcimbini ozobe useCurries Fountain Stadium ngoEphreli 14 ukuze abahleli bemicimbi babone ukuthi nginabalandeli nami.
NgoSepthemba njengoba ngizobe ngigubha iminyaka ewu40 ngazalwa, ngifuna siyigcwalise phama iCity Hall yaseThekwini. Kulo nyaka ngizoba wuhlupho kakhulu.”
Ithwasa licule nengoma yegqom’ ekwi-double CD entsha ethi Moskito nezikaRebecca ngaphambi kokuqhulula namanoni alo angasoze abuna, okubalwa elithi Ngamshaya, Mama Wezingane Zami nelithi Ded’Endleleni.
Lo maskanda usesebenze nabaculi abaningi abahlonishwayo okunguVumile Mngoma noBahubhe kweZikaBhaka ezaze zahlabana ngeBest Song of the Year kumaSatma Awards. Naye unendondo yeBest Newcomer ayiwina kuMantshontsho Kamaskandi Awards.
Ubuye abe yilungu lomaskanda baseSouth Coast, Amabhenanyawo.