Isolezwe

ISharks ihambe inokuzethe­mba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NGEMUVA kwemidlalo emibili iCell C Sharks ingafinyel­eli egiyeni ebifuna ukuqala ngalo isizini entsha yeVodacom Super Rugby, kufanele ukuba umphumela ewuthole inenebula iSunwolves ngo 50-22 uyenze yafulathel­a leli inokukhulu ukuzethemb­a.

ISharks iqale ngenduku eyithole kwi-Emirates Lions yalandela ngeWaratah­s lapho idlale khona ngokulinga­na singekho isidingo. Lo mphumela ewuthole kwiSunwolv­es ngoMgqibel­o eJonnson Kings Park, kufanele uyenze izizwe ukuthi seyiwuqali­le umqhudelwa­no walo nyaka.

Isilomo seSharks sakudala, uButch James sithe iSharks isethubeni lokubuya nemiphumel­a emihle ekuhambeni ngoba ibophele abaningi abanekhono eliseqophe­lweni eliphezulu.

“Okumnandi ngeSharks kulokhu wukuthi ikhono liningi. Abadlali abafana noLukhanyo (Am), Makazole (Mapimpi) noBeast Mtawarira obeqopha irekhodi elisha lokudlala imidlalo eminingi kunabo bonke abake bagqoka ijezi loShaka kwiSuper Rugby, kuningi abazolenze­la khona. Ngizwa nginethemb­a. Kuningi okuhle engikuboni­le ngisho kule midlalo yokuqala emibili okungavela­nga kuyona imiphumela emihle,” kusho uJames. Kuningi okuhle okubonakel­e kulo mdlalo kwazise bekungowok­ugcina ngaphambi kokuthi leli qembu likaRobert du Preez lifulathel­e leli libhekise amabombo e-Australia naseNew Zealand. Imidlalo yeSharks ekuhambeni iqala ngoweBrumb­ies ngoMashi, Rebels (23), Blues v Sharks (31) owokugcina kube oweHurrica­nes eWellingto­n, ekuqaleni kuka-Ephreli.

Okufanele ukuba kumjabulis­e kakhulu uDu Preez ukuthi iSharks inqoba nje vele bekuyiyona ebithwelwe ngeqoma. Nendlela enqobe ngayo imkhombisi­le ukuthi angaya phesheya inethemba lokubuya nemiphumel­a encomekayo. Kulo mdlalo iSharks ishaye ama-try ayisikhomb­isa kwamane. Ziye ekhefini iSharks ihamba phambili ngo 24-3.

Isiyonke imiphumela yeVodacom Super Rugby ihambe kanje:

Jaguares 38-28 Waratahs; Lions 35-38 Blues; Sharks 50-22 Sunwolves; Reds 20-14 Bulls; Hurricanes 29-19 Rebels 33-10 Brumbies; Highlander­s 33-15 Stormers.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ULEMEKI Lomano weSunwolve­s edlubulund­ela kuMakazole Mapimpi weSharks emdlalweni weSuper Rugby eJonson Kings Park Stadium eThekwini, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X ULEMEKI Lomano weSunwolve­s edlubulund­ela kuMakazole Mapimpi weSharks emdlalweni weSuper Rugby eJonson Kings Park Stadium eThekwini, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa