Isolezwe

UKomphela akakagculi­seki

- LUNGILE MAJOKA

NAKUBA kubukeka sengathi isikhathi sesidliwe yinja kodwa uSteve Komphela akakagculi­seki ngendlela iqembu lakhe iKaizer Chiefs, elidlala ngayo.

Lena yisizini yokugcina enkontilek­eni yeminyaka emithathu eyasayinwa uKomphela kuMakhosi.

UKomphela uveze ukuthi awakaqini amabhawodi ngendlela iChiefs edlala ngayo ngemuva kokubekisa indawo kumaquarte­rfinal eNedbank Cup ngempelaso­nto. Amaqembu ayisishiya­galombili asele azoqhathwa ngoLwesine. IChiefs ishaye iqembu elidlala kwiNationa­l First Division (NFD), iStellenbo­sch FC ngo 2-1 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

“Siyajabula ukuthi lo mdlalo sesiwuqedi­le. Kuwumseben­zi wethu ukuthi sidlulele kumasemi final nokowamanq­amu, sifike siwine nakhona uma iNkosi ivuma. Kodwa ngeke ngizixukuz­e umqondo, ngizifake ingcindezi ngokucaban­ga ukuthi kuzokwenza­kani ngomuso.

“Uma usuwazi ngokuzokwe­nzeka kusasa sisuke sikuphi isikhathi sokuzikhat­haza futhi noma ungazi asikho ngoba kungenzeka ubhekane nenselelo ehlukile. Ngakho okwamanje sizojabule­la lokhu kuwina. Silindele ukuqhathwa kwamaqembu ngoLwesine bese sibhekana nomdlalo ngamunye. Sizobe sesigxila kowaMaZulu,” kusho uKomphela.

Umdlalo olandelayo weChiefs owe-Absa Premiershi­p lapho bezovakash­elwa Usuthu eFNB Stadium ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

Amagoli eChiefs ashaywe nguEric Mathoho noLeonard Castro.

UCastro oshaye igoli lakhe lesithathu kusukela efike kuMakhosi ngoJanuwar­i, ubeyibambe noBernard Parker phambili.

EleStellen­bosch libekwe phakathi ngu-Allan Robertson, lidla u-Itumeleng Khune ekhoneni.

“Ngicabanga ukuthi basebenzis­ane kahle (uCastro noParker). Igoli lesibili, ibhola liqale kuParker ngaphambi kokuthi alifakele uCastro. Indlela ababambise­ne ngayo ngicabanga ukuthi singakhela kuyona. Yikhona okuhle engikuthat­ha kulo mdlalo engizokubh­eka. Lo mphumela ubuyisa ukuzethemb­a njengoba besingakaz­e sihlulwe ngaphambi kokushaywa (yiPirates) ngesonto eledlule. Ukuba kwiChiefs kusho ukuvuka uzithathe ngaphandle kokuzifake­la ingcindezi ngokwakho ngoba ihlezi ikhona. Okuhle esikwenze kulo mdlalo sizokubhek­a kanjalo nokungalun­gile esisalokhu siqhubekil­e nokukwenza,” kusho uKomphela.

Ukungena kwegoli leStellenb­osch ngezinye zezinto uKomphela abalule ukungenani ngazo.

“UMason Smith ungenile wasinika inkinga ngamabhola abegotshwa. Ukungenelw­a yilolu hlobo lwegoli nakho akungijabu­lisi. Lingene ekhoneni okuyinto obekungame­le yenzeke. Kodwa ke ekugcineni sineme ngokuthi sikutholil­e lokhu ebesikuzel­e, okuwukuqhu­bekela emzuliswan­eni olandelayo,” kusho uKomphela. Ngesizini edlule iChiefs ikhishwe yiSuperSpo­rt United kuma-quarterfin­al eNedbank. Lo mqhudelwan­o yiwona obonakala usiyithuba lokugcina kuKomphela ukunikeza abalandeli beChiefs into abayohlale bemkhumbul­a ngayo. Kwiligi Amakhosi akweyesihl­anu kwi-log ngemuva ngamaphuzu ayisishiya­galombili kwiMamelod­i Sundowns ezihola ngawu-43.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-IAN Robertson weStellenb­osch FC encikene noLeonardo Castro weKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-IAN Robertson weStellenb­osch FC encikene noLeonardo Castro weKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa