Umdlalo obuyise ithemba koweStellenbosch
USALE enethemba lokuthola indawo kuma-Play Off eNational First Division (NFD), uSteve Barker, opheka iStellenbosch ngakubone eqenjini lakhe libhekene neKaizer Chiefs koweNedbank Cup Last 16 ngempelasoto.
IStellenbosch ishaywe ngo 2-1 kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Leli qembu laseKapa lihleli endaweni yesishiyagalolunye kwilog yeNFD. Seliqoqe amaphuzu angu-30 emidlalweni engu-23.
I-Highlands Park akekho oyibangisayo esicongweni lapho inamaphuzu angu-50. Lokhu kuyibeka ethubeni lokudla umhlanganiso bese ibuyela kwiAbsa Premiership.
Endaweni yesibili kukhona iReal Kings enamaphuzu angu38 bese kuba iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngawu-36.
Amaqembu azoqeda endaweni yesibili neyesithathu azodlala kweyokuhlunga neqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership. Ozonqoba lapha uba yiqembu lika-16 esigabeni esikhulu sakuleli.
Uma iStellenbosch ifuna ukugudluza amaqembu angaphezulu kwayo kumele ingabe isaqhuzuka kusukela ngomdlalo wayo olandelayo neCape Town All Stars ngeSonto eParow Park ngo-3.30 ntambama. I-All Stars inamaphuzu angu-31.
“Ngaphambi komdlalo weChiefs abadlali bami ngibatshelile ukuthi iligi iyona esinika isinkwa. Umdlalo weChiefs ufana nokuphuma uyodla isidlo sasebusuku kanye ngenyanga. Sizohamba siyozijabulisa phambi kwezihlwele. Besifisa ukuthi sibe nesinye isidlo sasebusuku (ngokuwina) kodwa manje kumele siyolwela okusinikeza isinkwa semihla. Okumqoka wukuthi siqede ngegiya eliphezulu kwiligi. Kunamaphuzu ayisikhombisa okumele siwadlalele. Iqembu lami lidlala kahle ngisho emidlalweni yeligi kodwa inkinga esinayo wukuthi asikwazi ukuthola igoli lesibili emidlalweni. Kumele sibuyele eParow Park siyonqoba imidlalo yethu siqale ngoweCape Town All Stas,” kusho uBarker.
Mayelana nomdlalo weChiefs uthe bebekulindele ukuthi izowuphatha umdlalo futhi ibe yingozi kumakhona nakuma-free kick.
“Kodwa ngesikhathi kuyiwa ekhefini kungu 1-0 kubuye ithemba lokuthi singawunqoba umdlalo ngoba bekumele sishintshe bethole amagoli amabili noma amathathu. Indlela esibuye ngayo ingigculisile, sibe nebhadi sangakwazi ukuyisa umdlalo esikhathini esengeziwe,” kusho uBarker.