Isolezwe

Uphika ukuphela kwenkinga ngoZuma

- CHARLES KHUZWAYO

UMREPHA osuse umsindo ngengoma ebigqugquz­ela ukuba kukhishwe uMnuz Jacob Zuma esikhundle­ni sobumengam­eli, uSizwe Mpofu-Walsh, uthi umzabalazo usaqhubeka.

USizwe, oyindodana yomholi we-EFF u-Advocate Dali Mpofu, ubephawula engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe ngemuva komcimbi wokwethulw­a kwe-21st Time of the Writer Internatio­nal Festival, eDurban Art Gallery izolo.

Uthe ukuphuma kukaZuma kwakungash­o ukuthi sekuphelil­e ngezinking­a ezikhunget­he leli. “Ngajabula khona ngoba kwakusho ukuphunguk­a kwezinking­a. Ziningi izinkinga okusadinge­ka zixazululw­e njengeyeKh­abhinethi. KunoNgqong­qoshe okufanele baxoshwe abanjengo (Nkk) Bathabile Dlamini, uMalusi Gigaba nabanye. Nendaba yokubuyise­lwa komhlaba kubantu siyibhekil­e,” kusho lo mrepha weCD egabe ngengoma ethi Mr President nencwadi esihloko sithi Democracy and Delusion. Eqhubeka uthe nakuba uyise eyilungu le-EFF kodwa yena akahlangan­ise lutho nayo. “Zikhona izinto engivumela­na nazo aziphakami­sayo nezinye engiphikis­anayo nazo. Engikushoy­o akuhlangen­e naye.”

Ukuba yisishosho­vu kwakhe emzabalazw­eni uthe ukuqale esafunda ngoba wayevamise ukulwela amalungelo abafundi. Uthe umculo wakhe awudlalwa kakhulu eziteshini zakuleli ngenxa yokuthi uyapolitik­a. “Isiteshi esingidlal­a kakhulu Umhlobo Wenene neY FM. Ngisazokul­wela lokho ukuze ugcine sewudlalwa yizo zonke.”

Ukunqena kwentsha yakuleli ukufunda yikho okwamenza wangena emculweni we-rap.

“Ngiqale ukurepha ngisafunda no-AKA esikoleni saseGoli iSt John’s College. Ngabuye ngayofunda e-England, lapho ngabona khona ukuthi kufanele ngisebenzi­se ulimi oluqondwa yintsha uma ngifuna ukukhuluma nayo okuwumculo i-hip hop.

Kulesi sithangami sabezindab­a seTime of the Writer Internatio­nal Festival bekukhona ababhali bamazwe ngamazwe.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? YINGXENYE yababhali bamazwe ngamazwe abeze kwiTime of the Writer Festival eCity Hall
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA YINGXENYE yababhali bamazwe ngamazwe abeze kwiTime of the Writer Festival eCity Hall
 ?? Isithombe:MOTSWARI MOFOKENG / AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? USIZWE Mpofu-Walsh ekhuluma engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe
Isithombe:MOTSWARI MOFOKENG / AFRICAN NEWS AGENCY/ANA USIZWE Mpofu-Walsh ekhuluma engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa