UsekwiThe River olaxazwe yiSibaya
IGCOKAMA LIHLUKANISE ABALANDELI BAMAGEZA
Gezeh Maduna: Cha akunjalo, Amageza Amahle ngeke ehlukane. Umoya kaMtshengiseni uyalwa, siyohlezi siyimbumba njalo.
Mthobisi Mahosh’ongenateblet: INdidane ukube isaphila beyingeke iyivume le nto. Sengathi la Mageza akhona ayongena phakathi ehlathini.
Nqobani Ngidi: Abalandeli kodwa !!!! Ay bayabandlulula nje ngaphandle kwesidingo.
UBHEKI CELE USONGELA AMAPHARA AWUHLUPHO
Liperius Voroso Tomela: Lona umsebenzi wosonhlalakahle nabezempilo ukwakha izindawo zokugcina laba bantu, balashwe, baqeqeshelwe amakhono ngokuncedisana nawo amaphoyisa ukubaqoqa emgwaqweni.
Bongani kaNsuku Biyela: Babambe Ndosi bayacanasa laba bantu, ungakhohlwa ukuyovimbezela ePhoyinti, buxakile ubugebengu kuleya ndawo. UZIPHENDULELE KOKUSHIWO UMALEMA
Xolani MzukulukaManyosi Shandu: Ya khona kunzima ngoba bekusho umuntu wenhlangano ephikisayo. Kodwa ke i-ANC uma ibona ukuthi kusasebenzeka kumama uZanele Magwaza-Msibi kulungile. Ngiyafisa ukuthi imnike umsebenzi olula uma kungukuthi uyamsinda lona. Yena uyagula Nkosi
yami.
PS Nzo Zondi: Cha kodwa asihlale eqinisweni singabheki ukuthi kushiwo uMalema ngoba nakhu enje. UMama uKaMagwaza ngimbonile kwithelevishini, kufanele engabe impela umisiwe ekuqhubeni umsebenzi kuhulumeni. Ngisho eqenjini kudonswa kanzima ngenxa yokungaphili kwakhe, umdlandla awukho ngenxa yokungaphili. Nakhu nasephephandabeni uyakhulunyelwa ngoba kuthiwa akaphilile. Kusenzima kumama, kusamele alulame kahle nje. UMalema uyisakhamuzi naye bekuwumbono wakhe. UMLINGISI owalaxazwa yiSibaya uthe yize lokhu kwamphatha kabi kodwa wayazi ukuthi uNkulunkulu kukhona ambekele khona.
ULinda Mtoba obelingisa indawo kaZama Ngwenya kwiSibaya ungomunye wabalingisi okuzothi maduze bajoyine umdlalo oshisa izikhotha kulezi zinsuku, iThe River ekhonjiswa ku-1Magic (103).
Ekhuluma neSolezwe uLinda uthe okumjabulisa kakhulu ngokujoyina lo mdlalo wukuthi usemusha futhi uqale kuwo usanda kwethulwa kubabukeli.
“Into ebalulekile ekulingiseni wukukhipha ikhono lakho lonke kuthi noma unyamalele kodwa abantu bakukhumbule,” kusho uLinda.
Uthe kwiThe River uzobe elingisa indawo kaNomonde oyindodakazi kaZweli (Hlomla Dandala) ayithola emshadweni wakhe wokuqala.
“Ababukeli balo mdlalo bazoyijabulela indawo kaNomonde, nami sengifisa sengathi ngabe sengiqalile ukubonakala ukuze abantu bazi kahle ngale ntokazi,” kuchaza uLinda.
Isolezwe liphinde lathola ukuthi uLinda akuyena yedwa umlingisi ojoyina lo mdlalo. Kuvele ukuthi izinkakha zabalingisi okunguJet Novuka noFerry Jele nabo bazobonakala kulo mdlalo.
UJet uzobe elingisa indawo kaWalter Khanyisa Sotshongaye, oyisoka lakudala likaLindiwe (Sindi Dlathu) ebelisejele.
Ukuboshwa kukaWalter owaqala ibhizinisi lemayini noLindiwe kwenzeke ngemuva kokufa kukayise kaLindani (Lunga Shabalala), owabulawa uLindiwe kodwa owagcina ethe umufi ufe ngenxa kaWalter.
Omunye umlingisi ozoqala ukubonakala kuleli sonto nguFerry Jele ozobe elingisa indawo kaVeronica.
UVeronica uzobonakala kulo mdlalo engunina kaZolani (Lawrence Maleka) abangezwani naye.
Okhulumela i-1Magic, uNondumiso Mabece, uthe bakujabulele ukwamukela laba balingisi kulo mdlalo.
Uthe abangabazi ukuthi izindawo abazobonakala kuzo zizojatshulelwa abaningi futhi zizoyisa umdlalo phambili njengoba kusekuningi okuzobonakala kuwo.