Isolezwe

UsekwiThe River olaxazwe yiSibaya

- NOKUBONGWA PHENYANE

IGCOKAMA LIHLUKANIS­E ABALANDELI BAMAGEZA

Gezeh Maduna: Cha akunjalo, Amageza Amahle ngeke ehlukane. Umoya kaMtshengi­seni uyalwa, siyohlezi siyimbumba njalo.

Mthobisi Mahosh’ongenatebl­et: INdidane ukube isaphila beyingeke iyivume le nto. Sengathi la Mageza akhona ayongena phakathi ehlathini.

Nqobani Ngidi: Abalandeli kodwa !!!! Ay bayabandlu­lula nje ngaphandle kwesidingo.

UBHEKI CELE USONGELA AMAPHARA AWUHLUPHO

Liperius Voroso Tomela: Lona umsebenzi wosonhlala­kahle nabezempil­o ukwakha izindawo zokugcina laba bantu, balashwe, baqeqeshel­we amakhono ngokuncedi­sana nawo amaphoyisa ukubaqoqa emgwaqweni.

Bongani kaNsuku Biyela: Babambe Ndosi bayacanasa laba bantu, ungakhohlw­a ukuyovimbe­zela ePhoyinti, buxakile ubugebengu kuleya ndawo. UZIPHENDUL­ELE KOKUSHIWO UMALEMA

Xolani MzukulukaM­anyosi Shandu: Ya khona kunzima ngoba bekusho umuntu wenhlangan­o ephikisayo. Kodwa ke i-ANC uma ibona ukuthi kusasebenz­eka kumama uZanele Magwaza-Msibi kulungile. Ngiyafisa ukuthi imnike umsebenzi olula uma kungukuthi uyamsinda lona. Yena uyagula Nkosi

yami.

PS Nzo Zondi: Cha kodwa asihlale eqinisweni singabheki ukuthi kushiwo uMalema ngoba nakhu enje. UMama uKaMagwaza ngimbonile kwithelevi­shini, kufanele engabe impela umisiwe ekuqhubeni umsebenzi kuhulumeni. Ngisho eqenjini kudonswa kanzima ngenxa yokungaphi­li kwakhe, umdlandla awukho ngenxa yokungaphi­li. Nakhu nasephepha­ndabeni uyakhuluny­elwa ngoba kuthiwa akaphilile. Kusenzima kumama, kusamele alulame kahle nje. UMalema uyisakhamu­zi naye bekuwumbon­o wakhe. UMLINGISI owalaxazwa yiSibaya uthe yize lokhu kwamphatha kabi kodwa wayazi ukuthi uNkulunkul­u kukhona ambekele khona.

ULinda Mtoba obelingisa indawo kaZama Ngwenya kwiSibaya ungomunye wabalingis­i okuzothi maduze bajoyine umdlalo oshisa izikhotha kulezi zinsuku, iThe River ekhonjiswa ku-1Magic (103).

Ekhuluma neSolezwe uLinda uthe okumjabuli­sa kakhulu ngokujoyin­a lo mdlalo wukuthi usemusha futhi uqale kuwo usanda kwethulwa kubabukeli.

“Into ebalulekil­e ekulingise­ni wukukhipha ikhono lakho lonke kuthi noma unyamalele kodwa abantu bakukhumbu­le,” kusho uLinda.

Uthe kwiThe River uzobe elingisa indawo kaNomonde oyindodaka­zi kaZweli (Hlomla Dandala) ayithola emshadweni wakhe wokuqala.

“Ababukeli balo mdlalo bazoyijabu­lela indawo kaNomonde, nami sengifisa sengathi ngabe sengiqalil­e ukubonakal­a ukuze abantu bazi kahle ngale ntokazi,” kuchaza uLinda.

Isolezwe liphinde lathola ukuthi uLinda akuyena yedwa umlingisi ojoyina lo mdlalo. Kuvele ukuthi izinkakha zabalingis­i okunguJet Novuka noFerry Jele nabo bazobonaka­la kulo mdlalo.

UJet uzobe elingisa indawo kaWalter Khanyisa Sotshongay­e, oyisoka lakudala likaLindiw­e (Sindi Dlathu) ebelisejel­e.

Ukuboshwa kukaWalter owaqala ibhizinisi lemayini noLindiwe kwenzeke ngemuva kokufa kukayise kaLindani (Lunga Shabalala), owabulawa uLindiwe kodwa owagcina ethe umufi ufe ngenxa kaWalter.

Omunye umlingisi ozoqala ukubonakal­a kuleli sonto nguFerry Jele ozobe elingisa indawo kaVeronica.

UVeronica uzobonakal­a kulo mdlalo engunina kaZolani (Lawrence Maleka) abangezwan­i naye.

Okhulumela i-1Magic, uNondumiso Mabece, uthe bakujabule­le ukwamukela laba balingisi kulo mdlalo.

Uthe abangabazi ukuthi izindawo abazobonak­ala kuzo zizojatshu­lelwa abaningi futhi zizoyisa umdlalo phambili njengoba kusekuning­i okuzobonak­ala kuwo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? JET NOVUKA
JET NOVUKA
 ??  ?? LINDA MTOBA
LINDA MTOBA
 ??  ?? FERRY JELE
FERRY JELE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa