Owesilisa nowesifazane kwelokuqola
KUBOSHWE owesilisa nowesifazane abasolwa ngokuba ngongqondongqondo bomkhonyovu wokudayiswa kwezindawo zokwakha nezindlu zomxhaso eThekwini.
Abasolwa, abangeke badalulwe ngoba abakaveli enkantolo, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngeSonto ngesikhathi benomhlangano nalabo ababaluthayo.
Kulindeleke ukuthi bavele namhlanje enkantolo yamacala athinta imali eThekwini.
Kuthiwa bebeba nemihlangano yabo eduze kwamahhovisi oMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, eMayville. Kuthiwa bebedayisa izindawo zokwakha ngoR4 000 kanti kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-200 abantu ababaluthile.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthe abasolwa baboshwe ngemuva kophenyo olunzulu lomnyango nezinhlaka zomthetho.
Uthe baboshwe wuphiko lweProvincial Trio Crime Task Team neCommercial Crimes Investigation Unit esebenzisana nomnyango.
“Sibabophe ngemuva kokulunywa indlebe ngabo njengoba kade belandelwa yizikhulu zomnyango ebezibabona beba nemihlangano eduze kwamahhovisi ethu eMayville,” kusho uPillay.
Uthe abantu bebeluthwa ngokuthi bafake imali yesibambiso bese benikezwa iziliphu ezisayinwe ngumuntu okuthiwa nguMthembu.
UPillay uthe basola ukuthi ukugasela kwakamuva kwabantu emhlabeni okungesiwo owabo kungenzeka ukuthi kuhlangene nalo mkhonyovu.
“Kumele siqinise isandla uma silwa nokudliwa komhlaba sibe senza isiqiniseko sokuthi sibambula izinqe abantu abalutha abantu babathembise izindawo zokwakha ezingekho,” kusho uPillay.
Unxuse amalungu omphakathi ukuba aqaphele angavumi ukuluthwa yizigilamkhuba.
Uthe baphenya nokuthi owesilisa kungenzeka ukuthi ungumholi wenhlangano ethile yomphakathi eCato Manor.
Baboshwa nje uPillay usanda kwethula uhlelo lokuvimba inkohlakalo yokudayiswa kwezindlu zomxhaso nezindawo zokwakha.
“Sikhathazekile ngenkohlakalo ekhona nangabantu abadayisa izindlu zikahulumeni ngemali encane,” kusho uPillay, wengeza ngokuthi kusukela ngo-1994 uhulumeni usukhiphe izindlu ezingu-4 million zabantu abantulayo.
Uthe umkhonyovu wokudayiswa kwezindlu udala ukuthi abantu okumele bahlomule bagcine bengasizakalanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa ngecala lokukhwabanisa.