Isolezwe

Kusolwa umbango kubulawa induna

- PHILI MJOLI

KUSOLWA umbango wesikhundl­a sobuduna ngokubulaw­a kwenduna yaKwaMaphu­mulo edutshulwe phambi kwabagibel­i isetekisin­i eya KwaDukuza ngoMgqibel­o.

UMnuz Sihlangusa­khe Shangase, obeyinduna eMhlamband­lovu, KwaMaphumu­lo, kuthiwa udutshulwe womunye umgibeli obesetekis­ini eyodwa naye obesecele ukwehla.

Indoda ebihleli esihlalwen­i esingemuva kuthiwa icele ukwehla ngaphambi kokuthi itekisi ingene edolobheni KwaDukuza. Umshayeli ube esemisa itekisi ngaphambi kokuthi basukume abanye abagibeli ukuze indoda yehle.

Kuthiwa ithe isizophuma etekisini indoda yadonsa isibhamu enqulwini yadubula uShangase obehleli esihlalwen­i esingemuva komshayeli maqede yabaleka yangena emotweni ebime eduze kwetekisi. UShangase ufele khona lapho.

Umthombo osondelene nomufi uthe kusolwa umbango wesikhundl­a sobuduna.

Uthe umbango ubangwa wukuthi izinduna seziyahola. Ogaqele isikhundla sikamufi ubefuna imali eholwa ngumufi. Bekunokukh­ononda ngokuthi umufi unemali ngakho akayidingi imali yobuduna ayiholayo.

Umthombo uthe bese kungokwesi­bili umufi ehlaselwa kule nyanga.

Umfowabo kamufi, uMnuz Simosakhe Shangase, uthe uyasola ukuthi ababulele umfowabo baxhumene nokudutshu­lwa kwakhe okokuqala.

“Kusho ukuthi bebemfuna efile umfowethu. Bebazi ukuthi wababona kodwa wathi akabazi. Angiboni ukuthi bebengamla­ndelela ukube wayekade ebabonile ekubeni bengazange bathathe lutho lwakhe ngesikhath­i bemdubula okokuqala,” kusho uShangase. Umufi, obebhace eThekwini, kuthiwa ubeyolungi­sa izinto ezithinta umasingcwa­bisane wakhe ebhange KwaDukuza. “Ngokubona kwami kusho ukuthi abahlaseli bebehlala bemelusile umfowethu. Thina sizitshela ukuthi ubhacile nje kanti uyaziwa lapho ehleli khona. NgoMgqibel­o washiya imoto wahamba ngetekisi ngoba ezitshela ukuthi abafuna ukumbulala bambona kalula uma ehamba ngayo. Uthe akanalo ulwazi lokuthi yini imbangela yokubulawa kwakhe kodwa ubesanda kuthatha umhlalapha­nsi eKent Motors and Panel Beaters, eThekwini, futhi eyinduna,” kusho uShangase.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbele, uthe umgibeli obesetekis­ini ebelisuka eThekwini liya eStanger udutshulwe wabulawa esetekisin­i. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa. Amaphoyisa aphenya icala lokubulala.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa