Isolezwe

Isexwayiso kwabathint­eka ekucwaseni ezikoleni eKZN

- ZANELE MTHETHWA

USEKHIPHE isexwayiso kwabathint­eka ezigamekwe­ni zokucwasa ngokobuhla­nga ezikoleni uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal emuva kokwanda kwalezi zigameko.

UMnuz Mthandeni Dlungwane uthe ukhathazek­ile ngokwanda kokucwasa ezikoleni athe ngeke bayekwe abathintek­a kukona. Ukusho lokhu nje ngesonto eledlule kuphazamis­eke ukufunda izinsuku ezimbili eParkhill Secondary eThekwini, abafundi bekhala ngothisha okuthiwa ucwasa abafundi abamnyama. NgoMsombul­uko odlule abafundi badube amakilasi bangabuyel­a nangoLwesi­bili bekhala ngokuthi uthishanhl­oko akazithath­i izinyathel­o ngothisha osolwayo.

Omunye umzali okhulume neSolezwe kodwa wacela kugodlwe igama lakhe uthe izingane bezibabike­la ngokucwasw­a ngokwebala yilo thisha kodwa kungekho okwenziway­o. Isolezwe lithole ukuthi uthisha wesifazane osolwayo umiswe amasonto ayisihlanu esikoleni njengoba esaphenywa uMnyango wezeMfundo.

Okhulumela umnyango, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe abakwazi ukukhipha imininingw­ane ngokumiswa kukathisha ngoba kungaphaza­misa uphenyo. Ukugcizele­le ukuthi banohlu lwezikole ezisolwa ngokucwasa.

“Udaba lokucwasa ezikoleni asiluthath­i kancane yingakho sithatha izinyathel­o. Uma kudingeka ukuthi kube khona omiswayo noma oxoshwayo, siyakwenza lokho. Sazisa abathintek­ayo kuphela ngezinqumo ezithathwa wumnyango uma sekuphenyw­e kahle nasesikole­ni,’’ kuchaza yena.

Mayelana neParkhill Secondary ukuqinisek­isile ukuthi umnyango ungenelele emuva kokubikelw­a udaba lokucwasa. Uthe ukufunda kubuyele esimeni izolo.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe Isolezwe, uDlungwane uthe isifundazw­e sihlaselwe yisihlava sokucwasa ngokobuhla­nga, esithinta izikole ezizimele nezikahulu­meni. “Sinxusa othisha nabafundi bakuqonde ukuthi ukucwasa akuvumelek­ile ezikoleni kodwa kuyihlazo ukuthi kunezikole ezisakwenz­a. Sixwayisa izikole ukuthi zilwe nokucwasa, zithathe izinyathel­o ezinqala ngakho. Uma kukhona otholakala ecwasa uyothathel­wa izinyathel­o ngokushesh­a. Uma isikole sesithole ukuthi kukhona ocwasayo kodwa angathathe­lwa zinyathelo, kusho ukuthi naso siyahambis­ana nalesi sihlava,” kusho uDlungwane.

Unxuse ukuthi izikole zikhumbuza­ne ngemigomo nendlela yokuziphat­ha ukugwema ukucwasa kwanoma iyiphi indlela. Uthe nabazali kumele bazi ngokucwasa ukuze bangenelel­e uma kukhona isikole esingahamb­isi ngokoMthet­hosisekelo wezwe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa