Isolezwe

UMalema uchitha ukubuyela emuva

- MCEBO MPUNGOSE noMLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema usephumele obala wachitha isicelo sikaMengam­eli wezwe ne-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa sokuthi abuyele kuKhongolo­se.

UMalema uthe akaziboni ebuyela kwi-ANC ngemuva kokunxenxw­a wuRamaphos­a nePhini lakhe uMnuz David Mabuza.

UMabuza uthe kwaba yiphutha ukuxoshwa kukaMalema. Nomama wesizwe uNkk Winnie Madikizela-Mandela usenanele lelo khwela, wathi uMalema akabuyele enhlanganw­eni. Ephendula ekhasini lakhe leTwitter izolo, uMalema uthe akaziboni ebuyela kwi-ANC. “Ngeke ngikwenze lokho. Leyo nto ifile. Okubi kakhulu manje wukuthi banomengam­eli ababili, oyedwa umengameli we-ANC eNatal, obizwa ngoZupta noRamaphos­a. Manje mina kumele ngibuyele kulokho kuxokozela? Angisoze,” kuloba uMalema. Liphawula ngalolu daba ekhasini lalo kwiFaceboo­k, iPhini likaMalema, uMnuz Floyd Shivambu, lithe kuyacaca ukuthi i-ANC ayinaye umholi osezingeni likaMalema.

“Esingabaya­lela khona nje abeANC wukuthi abazojoyin­a i-EFF uma befuna ubuholi obuqondile,” kusho uShivambu.

Ngaphandle kokunxenxa uMalema, uKhongolos­e uthi ufuna nomholi we-UDM uGeneral Bantu Holomisa ukuba naye abuyele ekhaya.

Eziphendul­ela noHolomisa uthe akasoze abuyela kwiANC. Umhlaziyi wezepoliti­ki waKwaZulu-Natal uMnuz Protus Madlala uthe akamboni uMalema ebuyela kwi-ANC. “UMalema uzazi kakhulu. Ngeke abuyele kwi-ANC. Uma engenza lokho ngabe uvumela ukuthi iqembu lakhe ligwinywe yi-ANC,” kusho uMadlala.

Uthe hlawumbe abantu abanjengo Holomisa noMnuz Mosiuoa Lekota weCope bangabuya ngoba ukubuya kwabo kungabe kusiza bona njengoba amaqembu abo engenzi kahle.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki uMnuz Thabani Khumalo, uthe maningi amathuba okuthi uMalema abuyele kwi-ANC.

“Uma ubheka ukuvumelan­a okukhona phakathi kwe-ANC ne-EFF odabeni lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo nomoya okhona ePhalamend­e, kusukela kuthathe uRamaphosa, singasho sithi kungenzeka indoda ibuyeke ekhaya,” kusho uKhumalo.

 ??  ?? UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema othi akasoze abuyela kwi-ANC
UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema othi akasoze abuyela kwi-ANC
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa