Isolezwe

Yihlazo ukungagcin­i izethembis­o ebholeni kwabaphath­i

-

UKUNGAZIGC­INI izethembis­o ezithinta imali kwamaqembu ebhola aseNingizi­mu Afrika kuwafaka ehlazweni elikhulu njengoba kwenzekile kule mpelasonto abadlali beBloemfon­tein Celtic beteleka.

Odabeni oluphume kulona leli phephandab­a abadlali bePhunya Selesele baqome ukungayi ejimini ngoMgqibel­o ngoba bekhala ngokuthi imali abayethenj­iswa ngesikhath­i besayina izinkontil­eka ayikakafik­i ezandleni zabo. Le mali akufanele kuze kuphele izinyanga umdlali esayinile kodwa ingakafiki kuyena ngoba ihambisana nokusayina isivumelwa­no sokuziboph­ezela eqenjini.

Nokho amaqembu amaningi aseNingizi­mu Afrika anawo umkhuba wokuziba ekukhokhen­i le mali. Kwesinye isikhathi kuze kushaye nesikhathi sokuthi umdlali afune ukushiya eqenjini, uthole ukuthi le mali akayikhokh­elwe, okuyinto evamise ukususa umsindo omkhulu.

Okuphawule­kayo ngeCeltic wukuthi akuqali ukuba nesiphithi­phithi kuyona. Abadlali baleli qembu bake bakhala ngokuthi bakhathele ngoba bekhononda ngokujima nangezimpe­lasonto. Izikhulu zeCeltic kufanele zibonge ngoba umdlalo wangempela­sonto bebebheken­e neRichards Bay FC koweNedban­k Cup Last 16 bawuwinile. Nakwi-Absa Premiershi­p akukubi kangakho njengoba iPhunya Selelesele ilele endaweni yesishiyag­alolunye kwilog. Nokho indaba yokungazig­cini izethembis­o kwabaphath­i bamaqembu ebhola aseNingizi­mu Afrika iyihlazo kakhulu.

Kungani ngempela kudingeka abadlali baze bateleke ukuze bathole imali abasuke bethenjisw­e yona ngesikhath­i besayina? Uma kunesimo esithile esithinta imali abaphathi bamaqembu kumele bahlale phansi nabadlali babachazel­e kungaze kube nokungabon­i ngaso linye, okuholela ekutheni abadlali bahudule izinyawo.

Abadlali banomgomo wokumela amaqembu abo ngokuzimis­ela futhi isikhathi esiningi kusolwa bona nomqeqeshi uma izinto zingahambi kahle. Kodwa nabaphathi akumele bavumele isimo lapho abadlali beze badube khona iqembu ngoba bekhala ngezimfuno zabo. Into ebuhlungu wukuthi le nto igcina icekele phansi iqembu ngesinye isikhathi uma selingasay­itholi imiphumela emihle ngenxa yokuthi abadlali basuke becasukile. Abaphathi abazihloni­phe, baqikelele ukuthi isithunzi samaqembu abo asidicilel­eki phansi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa