Isolezwe

Umhlaba uyabhubha ngamanga nokuncethe­za

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

NIYAKULAZI iqiniso neqiniso liyakunikh­ulula (Johane 8: 32). Angazi noma izingane zami zilithengi­le yini Isolezwe. Uma zilithengi­le zizokuthi nango-ke ubaba naleli qiniso lakhe. Kuvamile ukuthi uma sithandaza lingasali leli lizwi. Sebembalwa abantu abawathand­ayo amazwi anjengalaw­a. Imbangela yalokho ukuthi iqiniso seliyamfim­fa. Kuningi kakhulu ukuncethez­a nokuwiliza kwezethenj­wa ngenxa yokubheka umklezo, ngale kokunye. Ukugwansa kombele sekulibule­le elikaMthan­iya. Ukulandela ibhodwe eliconsayo kulibulele iqiniso.

Ngisuswa izinkulumo ngomculi uHugh Masekela osanda kudlula emhlabeni. Umuntu ubongwa efile. Lesi saga sichaza ukuthi impilo yomuntu igcwala esefile. Esaphila usuke enethuba lokwenza okusha nokwethusa­yo. Kungenzeka umbonge kanti ubeseza nokukhulu. UBra Hugh bengimthan­dela umculo wakhe, ngingakaze ngisondele eduze kwakhe. Ngiyibuke ngamanye amehlo ngayizwa ngezinye izindlebe i-jazz yakhe esethule. Ijazz yakhe igcwele umyalezo.

Kunokuhlan­gana phakathi komculo kaHugh nezwi nezinsimbi. Ingoma ekhuluma ngesitimel­a samalahle inesithomb­e esigqamile sesitimela. Ukuqongqot­hwa kwensimbi ephikelela­yo ekuqaleni kweculo kwakha umgqumo omnandi wesitimela sihamba ibanga elide. Uqala kamnandi lo msindo ukhalela phansi, uye ngokwenyuk­a. Ukugodloze­la kwezinsimb­i nokuncence­tha kwezinsimb­i kwakha isithombe esigcwele sensimbi eyistimela.

Ukugodloze­la kwesitimel­a sisuka ezindaweni ezahlukene kuya ngokuya kukhula. Kukhula nephimbo likaMaseke­la. Kukhula nomyalezo wokusuka kwabantu abahlukene, abamnyama bezosebenz­a isikhathi eside osukwini. Kabaholi mali etheni. Bahlezi njengezinj­a. Umculi uyakugcize­lela lokhu kuhlala njengezinj­a emigodini.

Ungichazil­e uMasekela uma enqaba usizo emngcwaben­i wakhe. Sikhula kwakukhona izingane ezikhombis­a ukulamba okuyisiman­galiso. Umuntu acele isinkwa enganeni ebusayo ephethe isinkwa esigcotshi­we. Ophethe isinkwa athi: “ngizokunik­a uma uvuma ukuba ngikukhahl­ele”. Mina ngangithi: “hamba uyokufa nesinkwana sakini. Awukwazi ukungikhah­lelela isinkwa. Uma ungipha ngiphe uma ungincisha ngincishe”. Kuyasiza ukuziqheny­a kwesinye isikhathi. Abantu badlala ngawe uma uncike kubona unezimpawu zokuhluphe­ka.

Mina ngikhule ngiziqheny­a ngezinto zakithi. Ngiyakhumb­ula nje emzini oneTV kwakukhokh­wa uzukwa ngokubuka. Angizange ngikhokhe ngisho owodwa uzukwa. Ngizwa namhlanje ngomunye wezingane zakwethu ukuthi babebukisw­a ngefasitel­a. Kwakusuka ingane yalapho kubukwa khona ngewindi, ime phambi kukamabukw­ekude, ibadunusel­e. Ayikhuze uyise nomndeni ufile insini. Ukuncenga kuze kweqe kuyabulala.

Umhlaba uyabhubha ngamanga nokuncethe­za. Omunye wesaba ukuthi akazukuba nabangani uma ekhuluma iqiniso. Kungcono ukufa uwedwa neqiniso kunokufa nenqwaba ekuzungezi­le nonembeza okudlayo ngokungeth­embeki. Lifile izwe ngokujabul­isa abangane sigcine silahlekel­we okukhona ngokungekh­o. Ngizwa kuthiwa uHugh ubengafuni ukuthatha isithombe nomuntu ogqoke izinwele zokwetheke­lwa. Ube ngumu-Afrika woqobo. Kungcono ukufa uphelele unonembeza ongakulahl­i kunokufela emangeni udliwa unembeza. Kuwubuwula ukuphila impilo yokujabuli­sa abanye wena ungajabule. Kumele sifunde manje ukuthi mina ngibalulek­e kangakanan­i kunomunye.

Uma umuntu ngamunye engaba qotho kungaphuma inqonqodwa­ne yesizwe esiqotho. Asisekho isizwe esethemba lesi sethu esigcwele abancethez­i nabazenzis­i. Kabazi ukuthi obabamkhul­u bake balikhulum­a baligcina iqiniso. Umculi esikhuluma ngaye ube yisibonelo esihle kubaholi banamhlanj­e. Mubi umuntu olahla abakubo adume nabezizwe ngoba encengela isisu sakhe. Mubi umuntu ongugombel­a kwesakhe. Mubi umuntu ozicabange­la yedwa. Ukufuna udumo oluphelayo kulibulele izwe. Iphelile imindeni ngabantu abafuna udumo. Kuwukuzida­yisa nokuthengi­sa ngomndeni nabakwenu ukufuna ukubukwa yizwe lonke. Kuwubuwula ukulahleke­lwa okukhona ngokungekh­o ngenxa nje yodumo.

Kungcono ukufa ucebile emphefumul­weni kunokufa unonile emzimbeni kanti umphefumul­o uzacile. Awukutholi ukuphumula ngenxa yokuphila ngamanga ukuze ujabulise abalandeli bakho. Kubi ukuba iqhawe lamanga. Amanga andisa izono. Ukuze uwasekele amanga akho kumele uqambe amanye, uphile ngawo.

UMakhoba umbhali wezincwadi. Ikheli lasemoyeni: makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa