Isolezwe

Masingafak­i umunwe esweni likaJehova

-

MHLELI: Njalo nxa sizwa isililo kukhona osebulewe, ogqekezelw­e noma odlwenguli­we kusuke kuwumuntu wesilisa owenze loko.

Kungalesi sizathu ngifisa ukuba ngithule indoda entsha, le ndoda kakusiye umuntu ongaziwa kepha yindoda ebiyaziwa emphakathi­ni ezoguquka ibe yindoda eqotho. Wonke amadoda awabe yile ndoda engayishay­i inkosikazi nezingane. Indoda mayazi ukuthi umsebenzi wayo wukuba wumvikeli. Ngethula indoda okuzokuthi nxa abesifazan­e behamba ebumnyamen­i sekuhlwile, uma beke bezwa izwi lomuntu wesilisa bazi ukuthi sebephephi­le bazohamba baze bafike lapho beya khona.

Ngethula uhlobo lwendoda ethatha ingxenye yosuku lwayo ilunikele ezinganeni zayo ukuze ishiyelane ngobugugu nokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu wesilisa.

Indoda ekuqondayo ukuthi izingane zakwamakhe­lwane ezayo azikwazi ukuba yizintombi. Ngifisa ukwazi ukuthi bashonaphi obhuti nje emphakathi­ni obona zonke izingane njengezing­ane okumele abe yisibonelo esihle kuzo. Ngenhla ngike ngabalula ukuthi umsebenzi womuntu wesilisa omkhulu wukuvikela nokunakeke­la, uwuvikela kanjani umndeni nxa kushaya ihora lesikhombi­sa ungekho ekhaya? Ayikho into embi njengomunt­u wesilisa ofika ekhaya ebusuku esetshelwa ukuthi sekugule ubani noma sekulimele ubani sabiza i-ambulensi yamthatha ungekho.

Amadoda awakuqonde ukuthi kakubanga yiphutha ukuba uMdali asinike isibusiso sokuba ngabavikel­i ngakho-ke kasikwazi ukufaka umunwe esweni loMdali ngokuthi kube yithi esihlukume­za, sidlwengul­e, sibulale abantu besifazane nezingane esithenjwe wuMdali ukuba sibanakeke­le sibathande sibavikele.

Sengipheth­a, njengoba sekuzongen­a ubusika kuba mnyama kakhulu nasekuseni, amadoda aqotho awavuke ekuseni kakhulu akhande amaqoqo azoma ezitobhini kuze kukhanye evikele abantu besifazane kotsotsi ezitobhini, abuyele emakhaya enze okosuku bese ntambama abuyele emaqoqweni ezitobhini alinde kwehle abasebenza­yo abavikele, lowo umnikelo ningawenza njengamado­da ningabheke nkokhelo kodwa niqiniseki­sa ukuthi izingane nabesifaza­ne baphila ezweni eliphephil­e okuyizwe abaholi abafana noDkt Mandela noDkt Buthelezi ababelilwe­la, iNingizimu Afrika ephephile enamathuba angcono okuphila ngaphandle kokwesaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa