Isolezwe

Siyabading­a onesi abanempath­o enhle njengomfo kaMbili

-

Sandile “TheGeneral” Mdluli EMKHAMBATH­INI MHLELI: Ngiyisigul­i esesinemin­yaka siphethwe yisifo sofuba esesize sathelelek­a nakumntana­mi. Bengiya kojova zonke izinsuku esibhedlel­a eClairwood. Bengivamis­e ukufica unesi wesilisa uMnuz Mbili osebenza emjovweni. Indlela ayesebenza ngayo ngagcina sengimthat­ha njengengan­e yami. Isipiliyon­i, ukuhlakani­pha nokukhutha­la bekuyinto yakhe.

Wayethi uma enza umsebenzi wakhe ebe ekuncokoli­sa ezihlekela. Wawungeke ufice kukhona ulayini omude lapho kusebenza khona uMbili. Naku okubuhlung­u, ngithe sengilethe indodakazi yami nayo eyayiyojov­a ngenxa yalesi sifo ngazitshel­a ukuthi ngisazofic­a uMbili kodwa lutho kuthiwa wahamba akwaziwa ukuthi washonaphi.

Ngifisa sengathi bonke onesi kungathiwa bafana noMbili. Uma ugula sengathi ungathola izandla ezinakekel­a ngaloluya hlobo. Ntombizeth­u Sosibo EWEMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa