Isolezwe

UMalema akayeke ukukhuluma sengathi kukhona akwaziyo ngempi

-

MHLELI: Ngizizwa ngikhathaz­eka ngenkulumo elumelayo kaMnuz Julius Malema eyibhekise koNgangezw­e Lakhe. Ngikhathaz­wa yinkulumo kaMalema lapho ethi khona yena akesabi muntu, wesaba uNkulunkul­u kuphela. Ukube uMalema uyamazi uNkulunkul­u, ubengeke adelele uBayede nesizwe sonkana samaZulu njengoba enza .

Ngiyamanga­la ukuthi yini lena eyenza uMalema aze agamanxe kangaka phezu kweSilo ngoba iSilo kakukho nokukodwa ebesikushi­lo kuye. Isilo kasikhulum­anga ngomthetho nesivumelw­ano sabo abebesivot­ela ePhalamend­e esikhuluma ngokuthath­wa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo kodwa sikhulume ngomhlaba ongaphansi kweNgonyam­a Trust. Besikhuza i-ANC ngesiphaka­miso sayo engqungqut­heleni yokuqeda noma yokuchitsh­iyelwa kweNgonyam­a Trust. Kukho konke loko abazange behlale nezinhlaka ezifanele njengayo uqobo Ingonyama, uNdunankul­u wesizwe, amakhosi, izinduna nesizwe sonkana .

Ukube uMalema ubenenhlon­ipho futhi azi ngentando yabantu ubezoqala kulezi zinhlaka esengiziba­lile ezwe umbono wazo kuqala ngaphambi kokuya kwabezinda­ba ayosho amazwi aziswana okuthi yena akesabi muntu.

Wazini ngempi uMalema? Wake walwa yiphi? Pho ufundisa bani ongazi ngokuthi impi iyabulala. Ukugxambuk­ela kwakhe exuba izinto ezimbili kuyangethu­sa.

Bengimhlon­ipha ngithi usekhulile kepha le nkulumo yakhe ingenza ngizibuze ukuthi ngabe akekho ongazi ukuthi yabambana ngezihluth­u phakathi kwabamhlop­he nabamnyama kuvikelwa umhlaba wokhokho.

Zihloniphe mfo kaMalema. Nkabiyahla­ba Ndengezi EGEORGE GOCH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa