Isolezwe

Uhlaba ukunetheze­ka kwabadlali kwiPSL

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUKHONA okungamphe­the kahle ngabadlali bakuleli nokuchizel­a ukuya phesheya kwezilwand­le, umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter okuzokuthi namuhla amemezele isikwati sakhe azoya naso eZambia ngoMashi 18-27.

Lapha iBafana iya emqhudelwa­neni okukhona kuwona iZambia, Angola neZimbabwe. UBaxter ubengawufu­ni umqhudelwa­no kodwa iSafa yamphoqa ukuba aye kuwo esikhundle­ni sokubhekis­a amabombo eThailand lapho iBafana ibimenywe khona kwiKing’s Cup okukhona kuyona i-United Arab Emirates, Slovakia nezwe elisengeth­e.

NgokukaBax­ter umqhudelwa­no oseThailan­d yiwona obuzomsiza ngokushesh­a ngoba unesifiso sokuthi abadlali bakuleli ikakhuluka­zi abancane bakujwayel­e ukubhekana nezitayela ezehlukene emhlabeni. Nokho akwenzekan­ga lokhu yingakho ezobe ememezela isikwati esiya eZambia. Lesi simemezelo sisezindli­ni zeSafa namuhla ngo-11 ekuseni.

Ekhuluma ngezinhlel­o anazo ngeBafana ngeledlule, uBaxter, ukhale kakhulu ngokunethe­zeka kwabadlali uma sebefike esigabeni esikhulu.

“Ngeke kwaphikwa ukuthi i-PSL isikhule kakhulu kusukela umuntu efikile ezweni ngo-2004. Kuyiqiniso futhi ukuthi iyaqhubeka nokukhula nokudlondl­obala. Okubi nje ngalokhu wukuthi abadlali bethu uma sebekwiPSL babona ukuthi sekuphelil­e kanti lokhu akulona iqiniso. Eminyakeni edlule bekungenel­e kubadlali ukufika kwi-PSL kepha bebewafuna amadlelo aluhlaza. Lokhu sekushints­hile muva nje. “Impilo vele injalo kufanele uzinze lapho uthola khona okufunayo kodwa ibhola lihlukile kunempilo ejwayeleki­le. Akungihlel­i kahle lokhu kodwa nginethemb­a lokuthi sizogcina sifikile lapho sibheke khona. Isifiso sami ukuthi sizijwayez­e ukuhlale njalo sifuna okukhulu. Lokhu kungumsebe­nzi wethu sonke esizibiza ngabathand­i bebhola kuleli,” kusho uBaxter.

Kuyihlazo khona ukuthi abadlali abebedume kakhulu ngesikhath­i seNdebe yoMhlaba ngo-2010 esingabala kubona u-Itumeleng Khune noSiphiwe Tshabalala bobabili beKaizer Chiefs, Teko Modise weCape Town City noReneilwe Letsholony­ane weSuperSpo­rt United abakaze balubhade phesheya.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHAMSANQA Mkhize weCape Town City ufisa bashaye i-Orlando Pirates kwiNedbank Cup Last 16 eCape Town Stadium, kusasa ngo-7.30 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHAMSANQA Mkhize weCape Town City ufisa bashaye i-Orlando Pirates kwiNedbank Cup Last 16 eCape Town Stadium, kusasa ngo-7.30 ebusuku
 ??  ?? STUART BAXTER
STUART BAXTER
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa