Isolezwe

Kuwashubel­e amaqembu asemsileni

-

Park igawulwe yizembe iqeda emsileni ngamaphuzu angu-27. Ngaphezu kwayo bekukhona iBaroka FC, ngawu-28, edlale kumaPlay Off.

Ngo-2015/2016 iJomo Cosmos iye kwalasha ngawu-25, yalandelwa yi-University of Pretoria ngalingang­ayo. Ngo-2014/2015 AmaZulu ashoveleke ehlathini eqeda enawu-27, iMoroka Swallows yayodlala kuma-Play Off ngawu-30, yafika yabisha.

Sekusele imidlalo eyisikhomb­isa kwi-Absa Premiershi­p kodwa kunamaqemb­u amahlanu abambane ngamaphuzu awu-27.

Kuwona kubonakala sengathi indawo ayibalekel­ayo sekungeka-15 njengoba iPlatinum Stars ivale amabhuleki ngamaphuzu angu-17.

IDikwena ayikanqobi nowodwa umdlalo selokhu kuqale umzuliswan­o wesibili weligi.

Ngaphezulu kwayo kuhlezi i-Ajax Cape Town (24). Kusukela endaweni yeshumi kwi-log lapho kuhleli khona iLamontvil­le Golden Arrows, akukho ukuphepha. Ilandela iPolokwane City, Chippa United, AmaZulu neSuperSpo­rt United. Wonke la maqembu ahlukanisw­e amagoli njengoba elingana ngamaphuzu.

Iningi lawo kubukeka kuzowashub­ela emidlalwen­i yeligi kule mpelasonto. IPolokwane, esanqobe kanye emidlalwen­i yeligi kulo nyaka, izovakashe­la iMaritzbur­g United eHarry Gwala Stadium ngoLwesihl­anu ebusuku. I-United ayizwile kulezi zinsuku njengoba ilwela ukuqinisa indawo yayo kwiTop 8, okwamanje ihleli endaweni yesine.

IChippa izokwamuke­la iFree State Stars eyikhiphe kwiNedbank Cup ngempelaso­nto edlule.

AmaZulu FC aya kwiKaizer Chiefs osekuphele iminyaka ewu-11 ehluleka wukuyishay­a. Abafana Bes’thende bazoqhutha­na ne-Orlando Pirates ePrincess Magogo Stadium ngoMgqibel­o ebusuku. I-Pirates izofika emdlalweni izimisele ngokuqinis­a indawo yayo yesibili kwi-log. Uma inqoba lapha izozithola isele ngemuva ngephuzu elilodwa kwiMamelod­i Sundowns engeke idlale kwiligi njengoba izobe iyibambe koweCAF Champions League.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa