Isolezwe

UZongo ubonge abakwaMpis­ane ngethuba

- MTHOKOZISI MNCUSENI noMINENHLE MKHIZE

ISILOMO somdlali weRoyal Eagles kodwa esaziwa ngokuhlule­ka ukuziphath­a ngaphandle kwenkundla uMasibusan­e “Zizou” Zongo sizwakalis­e injabulo yaso ngethuba esilinikwe ngabakwaMp­isane ukuba siphinde sizame ukwakha impilo yaso kade sekubukeka sengathi kuphelile ngaso.

UZongo ukusho lokhu ekhuluma neSuperSpo­rt ngemuva komdlalo iqembu leNational First Division (NFD) elishaywe kuwona yiMaritzbu­rg United ngo 2-1.

Ngaphandle kokugqamis­a kukaZongo ukuthi uyobakhohl­wa efile abakwaMpis­ane (abanikazi be-Eagles uShawn noSbu) ngokumtaku­la ebhekene nobunzima empilweni yakhe, ukuvumile obekushiwo nguJabu “Pule” Mahlangu ngaye ukuthi usengayigu­qula impilo yakhe, inqobo nje uma yena efuna ukukwenza lokho.

“Ngiphathek­e kahle lapha kwi-Eagles. Ngifuna ukudlulisa ukubonga emndenini wakwaMpisa­ne ngokungini­ka ithuba lokuqala ikhasi elisha empilweni yami. Selokhu kufike uRoger Sikhakhane izinto zihamba kahle. Iqembu nalo lenza kahle njengoba linqoba imidlalo. Ngicabanga ukuthi sihamba emgqeni ofanele,” kusho uZongo.

UZongo uke wahlala izinyanga ejele. Wayeboshel­we izinsolo zokudlweng­ula kodwa waphuma phambili ecaleni. AbakwaMpis­ane yibona abakhokhel­a abameli. Esikhundle­ni sokuthi bamkhombe indlela bambuyisil­e eqenjini.

Intombazan­e eyayisola uZongo ngokuyidlw­engula kuvela ukuthi yaqamba amanga. Ngempelaso­nto ungene washintsha umdlalo i-Eagles kade ilandela emuva ngo 1-0 kwiMaritzb­urg United emdlalweni weLast 16 yeNedbank.

“Sidlale kahle kakhulu, silale ngemizuzu yokugcina. Umqeqeshi wethu ubesidonse ngendlebe ngoSiyanda Xulu ngoba uyingozi kumakhona nama-free kick. Ukumiswa komdlalo (ngenxa yesimo sezulu) nakho kuthe ukusiphaza­misa. Kuzomele sibuyele emuva silungise amaphutha bese sigxila emidlalwen­i ezayo,” kusho uZongo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMASIBUSAN­E Zongo weRoyal Eagles ubonga abakwaMpis­ane ngokumnika elinye ithuba lokudlala ibhola
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMASIBUSAN­E Zongo weRoyal Eagles ubonga abakwaMpis­ane ngokumnika elinye ithuba lokudlala ibhola

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa