Isolezwe

‘Inkohlakal­o inuka phu eNingizimu Afrika’

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO elwa nenkohlaka­lo emhlabeni jikelele, iTranspare­ncy Internatio­nal, ithi inuka phu inkohlakal­o eNingizimu Afrika ekleliswe endaweni ka-71 emazweni awu-180 emhlabeni.

Ucwaningo lweTranspa­rency Internatio­nal olukhishwe izolo luveza ukuthi izinga lenkohlake­lo eNew Zealand liphansi lilandelwe yiDenmark, Finland neNorway.

Amazwe ase-Afrika yiwona anenkohlak­alo edlulele. ISomalia ivale ucwaningo ku-180 kwathi ku-179 kwaba yiSouth Sudan okutholwe ukuthi inkohlakal­o yimbi kakhulu kuyo.

INingizimu Afrika ibambene ku-71 neBulgaria nesiqhingi iVanuatu.

Akukubi kakhulu e-Afrika njengoba iBotswana, Seychelles, Cabo Verde (Cape Verde), Rwanda neNamibia kuthiwa ngamazwe anomnotho okhula kahle futhi nenkohlaka­lo ayiyimbi.

Amanye amazwe okutholaka­le ukuthi inkohlakal­o ayikho yimbi kakhulu yi-Italy, iGreece neHungary.

Isishoshov­u samalungel­o esilwela amalungelo abantu esibuye sibe kwi-Amnesty Internatio­nal, uDkt Kumi Naidoo, sithe akumangazi ukubona iNingizimu Afrika isendaweni ka71 kumazwe akhohlakel­e emhlabeni.

“Inkohlakal­o idla lubi futhi umuzi woMnuz Jacob Zuma oseNkandla uyisikhumb­uzo senkohlaka­lo. Imali eyasetshen­ziswa wakhiwa ngabe yafaka ugesi emakhaya futhi yakhe nezindlu ezincane ezishayway­o. Yimbi inkohlakal­o ezweni lethu futhi sonke kufanele senze okuthile ukulungisa isimo,” kusho uNaidoo.

Isazi somnotho nezomtheth­o, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe inkohlakal­o iqale ukudla lubi eminyakeni ewu-10 edlule ngesikhath­i kubusa uZuma.

“Kufanele kukhuculul­we inkohlakal­o ngoba awusimanga­zi umbiko weTranspar­ency Internatio­nal wokuthi iNingizimu Afrika ikhohlakel­e. Sibona oKlebe sebeqalile ukunyakaza ngoba bazama ukubuyisa ithemba kubantu,” kusho uDumisa.

Umhlaziyi wepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe akumangazi ukuthi iNingizimu Afrika isesimeni esixakile ngoba vele idla lubi inkohlakal­o kuyo.

Uthe ubuholi obukhona kufanele busebenze kanzima ukulwa nenkohlaka­lo ngoba nabantu abasezikhu­ndleni bayayenza kuhlangani­sa iMenenja kamasipala ebanjwe yeba ijojo tank.

Omunye umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Protas Madlala, uthe okushiwo yi-Transparen­cy Internatio­nal kuyiqiniso ngoba inkohlakal­o inkulu eNingizimu Afrika.

Wenze isibonelo sokuthi uma ufuna umsebenzi komasipala kufanele ugwaze noma wazi abantu abathile.

Uthe inkohlakal­o ibidla lubi kakhulu ngesikhath­i sobuholi bukaZuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa