Isolezwe

Libalahlil­e abakwaGupt­a lathetha ibhange

- INTATHELI YESOLEZWE

LIYITHETHI­LE iBank of Baroda icala ebelifakwe yizinkampa­ni zakwaGupta ebezifuna leli bhange lihlale ngenkani kuleli.

Izolo iJaji Ntenteya Mavundla linqume ukuthi akukho okubopheze­la iBank of Baroda ukuthi ihlale eNingizimu Afrika njengoba inelungelo lokuzikhet­hela ukuthi ihweba kuliphi izwe.

IBank of Baroda yamemezela ukuthi iyagcina ukwamukela amadephozi­thi ngoMashi 1 futhi ngeke isabolekis­a ngemali.

NgoMashi 31 izovala iminyango yayo eNingizimu Afrika ngoba ayisenayo ingqalasiz­inda yokuqhuba umsebenzi wokubhanga.

IBank of Baroda ibinesivum­elwano neNedbank sokuthi isebenzise ingqalasiz­inda yayo kodwa abaseNedba­nk basiqedile leso sivumelwan­o.

Ummeli wezinkampa­ni zakwaGupta, u-Advocate Owen Cook, uthe iBank of Baroda bekufanele isiphikise isinqumo seNedbank kodwa yona ayizange ilwe ngoba vele ibisifuna ukuhamba eNingizimu Afrika.

Uthe ukuphazami­seka kwama-akhawunti ezinkampan­i zakwaGupta kusho ukuthi abasebenzi abangu-7 000 abaqashwe kuzo bazophazam­iseka.

U-Advocate Azar Bham weBank of Baroda, uthe akufanele leli bhange liphoqwe ngenkani ukuthi lihlalele amaGupta eNingizimu Afrika kodwa kufanele liye kwamanye amazwe lapho linamakhas­imende amaningi khona.

Ukhale ngokuthi ngesikhath­i amanye amabhange evala ama-akhawunti ezinkampan­i zakwaGupta lo mndeni awenzanga lutho. Kodwa uma iBank of Baroda isihamba bayakhala abakwaGupt­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa