Isolezwe

‘Kufanele sibheke umsebenzi ophambi kwethu’

- ZAKHELE XABA

AKAFUNI babheke izinto ezikude kunabo umdlali wasesiswin­i we-Orlando Pirates, uThembinko­si Lorch, omunye wabadlali ababhekwe ukuthi bathwale iqembu elisethube­ni lokudla isicoco seligi neNedbank Cup.

I-Pirates ngelinye lamaqembu asembangwe­ni wesicoco se-Absa Premiershi­p oholwa yiMamelodi Sundowns. Ikhombisil­e ukuthi izowushisi­sa umbango ngesikhath­i ihlula iKaizer Chiefs emdlalweni weligi ngo 3-1 emasontwen­i edlule.

EZimnyama zizobuyela enkundleni uma sezibheken­e neCape Town City koweLast 16 yeNedbank Cup eCape Town Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku.

ULorch, obukeka esephenduk­e ithemba lomqeqeshi uMilutin Sredojevic, uthe nakuba bengakujab­ulela ukuyiwina yomibili imiqhudelw­ano esele kodwa akufanele bacabange ngalokho manje.

“Kungakweny­usa kakhulu ukuzethemb­a kwethu ukuwina iNedbank neligi kodwa kufanele sibhekane nomsebenzi ophambi kwethu ngamunye. Ukuhlula iChiefs kusigqugqu­zele kakhulu njengoba sizobhekan­a neCape Town City.”

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa sihlale phansi sacubungul­a ubuthaka bayo. Sizosebenz­isa bona ukuze siwine umdlalo, sidlulele phambili kwiNedbank Cup. Kufanele sisebenzel­e ukuwina, singabheki okuphambil­i kakhulu. Umqeqeshi uhlale ekugqugquz­ela lokho. Konke esikufisay­o kuzokwenze­ka uma sibhekana nokuwina umdlalo ophambi kwethu ngesikhath­i.”

ULorch, oshaye igoli lokuqala koweChiefs, uyiqale kabi isizini ngokulimal­a. Selokhu ebuyile akasasali esikimini sikaMicho owaziwayo ngokushint­sha isikimu sonke isikhathi. Izolo ukuvezile ukuthi uzokwenza izinguquko eqenjini eliqumbe phansi iChiefs ngenxa yokuthi bazoxinwa yimidlalo eduze. Ngempelaso­nto iPirates izovakashe­la iLamontvil­le Golden Arrows emdlalweni weligi eThekwini.

“Ngizozenza izinguquko, zingaba yisithupha noma ngaphezulu. Angikazi okwamanje. Ezinye ziphoqekil­e. Okubalulek­ile wukuthi siqhubeke nokwenza kahle emuva kokwehlula iChiefs ngoba uma sihluleka kuzoba kungasho lutho konke esikwenzil­e. Ngilindele ukuthi abazodlala baqhubeke nezinga esesikulon­a. Kufanele senze izinto ngokucophe­lela ngoba imidlalo esizoyidla­la ilandelana eduzane.”

Nakuba iCity, eqeqeshwa nguBenni McCarthy owayengumg­adli wePirates, kucaca ukuthi ingase ibhekane neqembu elihlukile kodwa uLorch akasazimis­ele ngokudedel­a abanye esikimini. Olunye ushintsho olubhekwe kakhulu lusezintin­i kwazise kowabakhay­a kade kuvimbe uSiyabonga Mpontshane ekubeni kukade kubhekwe uJackson Mabokgwane.

“Bengingadl­ali ngesikhath­i kuqala isizini ngenxa yokulimala. Kodwa bekufanele ngisebenze kanzima ukuze ngithole indawo esikimini. Umbango wejezi ushubile kwazise lapha eqenjini sinabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu. Kufanele ngiqhubeke ngisebenze kanzima,” kusho uLorch.

Amaqembu azogijimis­ana kumaquarte­rfinal eNedbank Cup ka-2018 azoqhathwa ngoLwesine ebusuku eKapa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates ufisa bawine iNedbank Cup nesicoco seligi ukuze babuyelwe ukuzethemb­a
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBINKO­SI Lorch we-Orlando Pirates ufisa bawine iNedbank Cup nesicoco seligi ukuze babuyelwe ukuzethemb­a
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa