Abagijimi abanohlonze kumaNational Championship
IZIHLABANI zabagijimi baseNingizimu Afrika zibheke ukushaya into ecokeme kuma-ASA National Championship azothatha izinsuku ezintathu kusukela ngoLwesine, eTuks Athletics Stadium aze ayosongwa ngoMgqibelo.
UCaster Semenya no-Akani Simbine bathembise ukwenza into yamehlo emabangeni ehlukene kule midlalo eya ngokukhula ngenxa yezinga elikhonjiswa abagijimi bakuleli ngisho ezingeni lomhlaba.
Bazofika kule midlalo kazwelonke beshayela phezulu ngemuva kwemijaho yeLiquid Telecom Athletix Grand Prix ngempelasonto.
USemenya, ophule irekhodi lika1000m ebese lihlale iminyaka engu-35, uthe uzoyibamba ku-800m naku1500m kumaNational Championship njengoba kuyiwona amabanga azobe egxile kuwona kumaCommonwealth Games aseGold Coast e-Australia, ngenyanga ezayo.
Nyakenye lo mgijimi odabuka eLimpopo utholele elakuleli izindondo ezimbili kwi-IAAF World Championship, ethatha igolide ku-800m, wathola ithusi ku-1500m abeqala ukuwugijima ezingeni lomhlaba.
“I-800m ne-1500m yiwona amabanga abalulekile kimina okwamanje. Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngizama ukwenza kangcono emijahweni. Ngethemba ukuthi ngizokwazi ukuwahlanganisa bese ngibona ukuthi ngenza kanjani kuwona,” kusho uSemenya esitatimendeni esithunyelwe yi-ASA izolo ntambama.
USimbine ovule unyaka wakhe enqoba ku-100m kwiGrand Prix ngempelasonto, naye uzoyibamba kuleli banga, naku-200m. Nyakenye uSimbine unqobile ku-100m wase eqeda endaweni yesibili ngemuva kukaWyade van Niekerk ku-200m. Kulokhu uVan Niekerk imidlalo uzobe eyibuka nezihlwele njengoba esalulama ekulimaleni.
“Ngibona kuyinto okumele ngiyenze (ukugijima amabanga ehlukene) ukuze ngizibeke esimeni esihle ngaphambi kwemidlalo yamaCommonweath.”
Kuyona le midlalo kuzophinde kubonakale umpetha womhlaba kwi-long jump, uLuvo Manyonga. UManyonga akazange adlale kuyona yomibili imilenze yeGrand Prix. Usanda kubuya e-England lapho etholele elakuleli indondo yesiliva kwi-IAAF World Indoor Championship.