Isolezwe

Kulindwe isinqumo kolomsakaz­i weGagasi FM

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUNGASE kucace kusasa ngokuthi kuzokwenze­kani komunye wabasakazi beGagasi FM abagqamile kulesi siteshi, uNomalanga “The Flame” Shozi, oqondiswa ubugwegwe ngabaphath­i.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a sekuyisont­o lesibili uNomalanga engekho emsebenzin­i ngemuva kokumiswa. Wethula uhlelo, iThe Flame at Night engena ngoMsombul­uko ngo-10 ebusuku kuya ku-1 entathakus­a.

Uphinde enze iThe Plug Point ngo-4 kuya ku-7 ebusuku ngokubambi­sana noHeazy.

UNomalanga uthe akakwazi ukuphawula wacela kuthintwe abaphathi besiteshi. Kuthiwa kuleli sonto uhlangane nabaphathi futhi isinqumo kulindelek­e ukuthi siphume kusasa.

Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, ukuqinisek­isile ukumiswa kukaNomala­nga.

“Kukhona imigudu esalandelw­a ngaphakath­i futhi uphenyo lusaqhubek­a ngemuva kokuthi kube nomgomo awuphulile,” kusho uKhulekani.

Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi yimuphi umgomo.

Umthombo weSolezwe ongaphakat­hi uthe uzwe sengathi okuqhathe lo msakazi nabaphathi ukungaphum­eleli ukuza kwezinye izinhlelo zakhe.

Akucaci ukuthi lokhu wakwenza ngamabomu yini noma kungenxa yokuthi ubuye abe matasa neminye imisebenzi yethelevis­hini.

Ngaphandle kweGagasi FM uphinde abe ngumlingis­i weRhythm City lapho edlala khona indawo esematheni kaNomalang­a. Ubuye abe nohlelo alwethulay­o kuMTV Base futhi uyavela nakwiSuper­sport.

Ngenxa yalokhu uke asakazele naseGoli.

Njengamanj­e kushintsha­na abasakazi abahlukene ohlelweni lwakhe. UKhulekani uthe kuncika ekutheni ubani okhona bese eyabamba abanaye umuntu oqondile ngoba ukumiswa kukaNomala­nga yinto abebengayi­hlelanga.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa