Kulindwe isinqumo kolomsakazi weGagasi FM
KUNGASE kucace kusasa ngokuthi kuzokwenzekani komunye wabasakazi beGagasi FM abagqamile kulesi siteshi, uNomalanga “The Flame” Shozi, oqondiswa ubugwegwe ngabaphathi.
Ngokuthola kwaleli phephandaba sekuyisonto lesibili uNomalanga engekho emsebenzini ngemuva kokumiswa. Wethula uhlelo, iThe Flame at Night engena ngoMsombuluko ngo-10 ebusuku kuya ku-1 entathakusa.
Uphinde enze iThe Plug Point ngo-4 kuya ku-7 ebusuku ngokubambisana noHeazy.
UNomalanga uthe akakwazi ukuphawula wacela kuthintwe abaphathi besiteshi. Kuthiwa kuleli sonto uhlangane nabaphathi futhi isinqumo kulindeleke ukuthi siphume kusasa.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, ukuqinisekisile ukumiswa kukaNomalanga.
“Kukhona imigudu esalandelwa ngaphakathi futhi uphenyo lusaqhubeka ngemuva kokuthi kube nomgomo awuphulile,” kusho uKhulekani.
Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi yimuphi umgomo.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi uthe uzwe sengathi okuqhathe lo msakazi nabaphathi ukungaphumeleli ukuza kwezinye izinhlelo zakhe.
Akucaci ukuthi lokhu wakwenza ngamabomu yini noma kungenxa yokuthi ubuye abe matasa neminye imisebenzi yethelevishini.
Ngaphandle kweGagasi FM uphinde abe ngumlingisi weRhythm City lapho edlala khona indawo esematheni kaNomalanga. Ubuye abe nohlelo alwethulayo kuMTV Base futhi uyavela nakwiSupersport.
Ngenxa yalokhu uke asakazele naseGoli.
Njengamanje kushintshana abasakazi abahlukene ohlelweni lwakhe. UKhulekani uthe kuncika ekutheni ubani okhona bese eyabamba abanaye umuntu oqondile ngoba ukumiswa kukaNomalanga yinto abebengayihlelanga.