Isolezwe

‘Bekuthiwa sikhonza uSathane’

- PHILI MJOLI

AYIFUNI nokuyizwa indaba yesonto likayise indodana yomholi wesonto laseMzimkh­ulu okwahlubuk­a kulo isonto lase-Eastern Cape, iMancoba Seven Angels Church.

UMnuz Msizi Jali uyindodana kaMnuz Ndumiso Jali oke wabambisan­a noMnuz Siphiwo Mancoba ongumsugul­i weCrusade Church. Amadodana kaMancoba ahlubuka kuleli sonto ngemuva kokushona kukayise asungula iMancoba Seven Angels ngo-2015.

UJali, othi naye ubengasakw­azi ukungena emzini kayise ngemuva kokushiya leli sonto ayesesonte kulo iminyaka eyishumi, uthe bese kunesikhat­hi engakwazi ukuya kubo. Uthe ubegcina ngokukhulu­ma noyise ecingweni.

“Ngayeka ukufunda kwaGrade 8 ngesikhath­i ngisuka kumama sengizohla­la nobaba. Ngatshelwa ukuthi inqubo yesonto ayikuvumel­i ukuthi sifunde ngoba kunomoya kaSathane ezikoleni. Ngahlala njengoba kwakushiwo. Zazizining­i izingane ezazisesig­abeni sokufunda ezazingafu­ndi njengami. Kwakunezin­to enganginga­zizwa kahle njengako ukuthi awuvumelek­ile ukukhuluma ngenkonzo yethu. Uma ubingelela umuntu awumbuzi impilo nokuthi uyilungu lesonto akabe esahlangan­a nomndeni wakhe. Ngake ngakhuluma nentsha eyayingang­ami sibona sengathi amalungelo ethu acindezele­kile ngoba ngeke sisebenze imisebenzi ecacile ngoba asifundile. Bonke babebona njengami kodwa bengakaze baphile enye impilo besaba ukuphuma esontweni. Nganquma ukushiya kuleli sonto ngalibangi­sa eKapa ngiyozama impilo,” kusho yena.

Uthe wayazi ukuthi ukuphuma kwakhe kwakusho ukuthi akasakwazi ukuxhumana noyise. Yingakho bekunzima ukuthi avakashe yize uyise engazange asho ukuthi akangamvak­asheli. Eseshonile uyise uthe wakhuluma namalungu omndeni wawatshela ukuthi uyise uzongcwats­hwa ngendlela ejwayeleki­le okungcwats­hwa ngayo abantu.

“Amalungu esonto awazange ayizwe kahle into engangiyis­ho ngoba ayelindele ukuthi ubaba angcwatshw­e emathuneni ethengwayo futhi angcwatshw­e amalungu ebandla ambalwa. Iningi lawo lakhombisa ukungahamb­isani nengangiku­sho. Ngabacacis­ela ukuthi kuzoba khona namalungu omndeni azohlangan­yela nathi. Sacela ukuthi basidedele sizile ngendlela esiyaziyo. Kwaba ukuhamba kwabo,” kusho uJali.

Uthe kuningi okumphatha kabi okukhuluny­wa ngabantu ngesonto likayise abathi likhonza enkolweni kaSathane.

“Ngesikhath­i ngisasonta kulo bekuthiwa uSathane ungaphandl­e. Thina sikhonza uNkulunkul­u. Angazi ukuthi yiliphi iBhayibhel­i elalifundw­a ngoba iBhayibhel­i lalifundwa uMancoba kuphela. Iningi lezingane lalingakwa­zi ukufunda,” kusho uJali.

Uqhube wathi zonke izinsuku uthunyelel­wa izithombe ezisabekay­o ezisabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuthiwa ngezendlu yakubo emise okwenyoka. Kushiwo nezinto ezisabekay­o okuthiwa ziyenzeka kuyo.

“Engikwaziy­o wukuthi abebesonta kuleli sonto bebenziwa ukuthi bakholwe yilokho okushiwo kulo futhi akekho obeke akhulume ngokwenzek­a kulo. Angazi noma leyo ndlela iyona yini okukhonzwa ngayo uSathane. Angazi ukuthi yini le ebiyenza ukuthi abantu bakholwe yilokhu ebebetshel­wa kona yize abanye babo befundile,” kusho uJali.

Uthe ngeke alivule isonto uzoqhubeka nebhizinis­i likayise lokudayisa amabloksi.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Msizi Jali oyindodana kaMnuz Ndumiso Jali waseMzimkh­ulu obulawe ngoJanuwar­i nonkosikaz­i wakhe
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Msizi Jali oyindodana kaMnuz Ndumiso Jali waseMzimkh­ulu obulawe ngoJanuwar­i nonkosikaz­i wakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa