Isolezwe

Indoda izolivuma icala lokubulala abashana

- MLUNGISI GUMEDE

ISIVEZE ukuthi izowavuma amacala indoda yasePort Edward esolwa ngokubulal­a abashana bakhe abane ngoba ifuna ukuthola imali yomshwalen­se eyayibafak­e kuwo.

UMnuz Ben Zimele Mbhele (32) uvele eNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu izolo, icala lakhe lahlehlise­lwe uMashi 22, ukuze athole isikhathi esanele sokuxoxa nommeli wakhe.

UMbhele izolo bekulindel­eke ukuba avume icala enkantolo bese eyagwetshw­a.

Izolo akazange abuzwe ukuthi uyalivuma noma uyaliphika yini icala ebhekene nalo.

Ngesikhath­i evela enkantolo izolo ebukeka engumuntu ongathukil­e kodwa elokhu ejeqeza ngalapho bekuhleli khona abezindaba.

Ugcinwe ezitokisin­i zaseMounta­in Rise, eMgungundl­ovu.

Umbuso izolo uveze ukuthi uMbhele uhlela ukulivuma icala kodwa wathi ufuna ukumnika isikhathi sokuthi atshele yonke into ummeli wakhe abeqala ukuhlangan­a naye.

UMbhele uboshwe ngoLwesihl­anu eNcukeni, ePort Edward, ngemuva kophenyo lwamaphoyi­sa oluthathe isikhathi eside.

Uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseRamsga­te ngoMsombul­uko. Njengoba icala belihlehli­selwe izolo eMgungundl­ovu bekulindel­eke ukuthi avume icala bese enikwa isigwebo.

UMbhele uboshwe nomngani wakhe, uMnuz Sibongisen­i Nyawose (43), yena okulindele­ke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseRamsga­te namhlanje.

NgoSepthem­ba 2, 2017, ngabo 5 ntambama kuthiwa izingane ezintathu, iminyaka yazo ephakathi kwemine no-12, zatholakal­a endlini zinamanxeb­a okugwaza emzimbeni, zontathu izindlebe zazo zakwesobun­xele esikiwe.

Esinye isidumbu kuthiwa satholakal­a ngaphandle komuzi naso sinamanxeb­a okugwazwa.

Kuthiwa izingane zazizodwa ekhaya unina engekho ngesikhath­i zihlaselwa.

Kube sekuvulwa amacala amane okubulala esiteshini sasePort Edward nokuholele ekutheni kuboshwe uMbhele nomngani wakhe uNyawose naye okubikwa ukuthi usondelene nomndeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa