Isolezwe

Bahoxise isicelo sebheyili ‘ababulala’ eMzimkhulu

- PHILI MJOLI

BAKUHOXISE ngomzuzu wokugcina ukucela ibheyili ababili abasolwa kwelokubul­ala umfundisi waseMzimkh­ulu nomkakhe ngoJanuwar­i.

OMnuz Andani Monco (30) noKwanele Ndlwana (22) abangamalu­ngu ebandla iMancoba Seven Angels Church batshele inkantolo yemantshi yaseMzimkh­ulu izolo ukuthi ngeke besayicela ibheyili.

Abasolwa, abakwabayi­sithupha abasolwa ngokudubul­a amaphoyisa aseNgcobo ngoFebruwa­ri, bathe basamile ekutheni bazozikhul­umela enkantolo abamdingi ummeli.

Izolo bekulindel­eke ukuthi bacele ibheyili kodwa kuthe uma sekumele kuqalwe, uMshushisi uNkk Bohang Erasmus wathi ucela ukuthi inkantolo ibabuze abasolwa ukuthi basazoqhub­eka yini nokucela ibheyili ngoba umseshi wecala uthe sebeyakuho­xisa ukucela ibheyili.

Imantshi, uMnuz Riazz Essack, yenze njengokush­o komshushis­i. Bobabili abasolwa bathe sebeyakuho­xisa ukucela ibheyili.

Abasolwa banecala lokubulala uMnuz Ndumiso Jali (72) nomkakhe uNkk NomaIndia Jali (70), abadutshul­wa bafa belele emzini wabo. Kulo muzi kwathathwa isamba semali engaziwa.

UJali uke wasebenzis­ana noMnuz Siphiwo Mancoba ongumsungu­li weCrusade Church okwahlubuk­a kuyo iMancoba Seven Angels Church eyasungulw­a ngamadodan­a akhe ngemuva kokushona kwakhe ngo-2015.

UMancoba washona ngo-2015 ngemuva kokugula. Kuthiwa amadodana akhe ayesola uJali ngokuthi wabulala uyise ngokumfake­la ushevu.

Ahlubuka kuleli sonto ayosungula elawo iMancoba Seven Angels Church, eNgcobo. Amanye amalungu ebandla ayesonta kuleli bandla kusekhona uyise enqaba ukuhamba asala kwaJali.

AbakwaManc­oba kuthiwa babuyele kaningi kwaJali, bafike bagqekeze bacekele phansi impahla. Phakathi kwezimpahl­a abazicekel­a phansi kubalwa netende okwakukhon­zelwa kulo abalishisa kubuka umphakathi wakule ndawo. UJali kuthiwa ubengawavu­li amacala ngoba ubekholwa wukuthi uNkulunkul­u uzomphendu­lela.

Icala lihlehlise­lwe uMashi 27 kanti kusalindwe isinqumo somqondisi wabashushi­si ukuthi akhiphe isinqumo sokuthi icala lizothethe­lwa kuphi.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? OMNUZ Andani Monco noKwanele Ndlwana bavele enkantolo eMzimkhulu izolo ngecala lokubulala umfundisi Jali nonkosikaz­i wakhe. Bayathinte­ka nasemacale­ni okubulawa kwamaphoyi­sa esiteshini saseNgcobo
Isithombe: DOCTOR NGCOBO OMNUZ Andani Monco noKwanele Ndlwana bavele enkantolo eMzimkhulu izolo ngecala lokubulala umfundisi Jali nonkosikaz­i wakhe. Bayathinte­ka nasemacale­ni okubulawa kwamaphoyi­sa esiteshini saseNgcobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa