Isolezwe

Babhikishe­le ukuphela kukagesi KwaDukuza kwama yonke into

-

“Amalungu omphakathi aqoke ukuthi angene emgwaqweni ngoba ethi asezame kaningi ukuxoxa nomasipala ngenkinga yokuphela kukagesi kodwa ungenzi lutho ukuyixazul­ula,” kusho umhlali.

Umbhikisho ugcine uphazamisa ukufunda ngoba izingane zakwezinye izikole ezakhelene nalapho obekuvalwe khona umgwaqo zigcine zidedeliwe kwathiwa azigoduke.

Uthisha wesikoleni samabanga aphansi, iLloyd Primary, ongavumele­kile ukukhuluma nabezindab­a, uthe kuphoqelek­e ukuthi izingane nothisha badedelwe ngenxa yesiteleka.

Uthe banethemba lokuthi namuhla isimo sizobuyela kwesijwaye­lekile ngoba izingane zisheshe zaphuma nakuthangi ngenxa yenkinga yamanzi.

Okhulumela uMasipala waKwaDukuz­a, uMnuz Sipho Mkhize, uthe onjiniyela babo basebenza kanzima ukulungisa isimo sikagesi. UMkhize uthe ugesi uphazamise­ke ngenxa yesimo sezulu esigcine siphazamis­e ukuphakelw­a kwawo emphakathi­ni. Uthe esinye isizathu kube wukwanda kwabantu abasebenzi­sa ugesi nokwenza kube nengcindez­i ekuwuphake­leni nokugcina kuholele ekupheleni kwawo. Uthe amathimba abo ajutshwe kuzo zonke izindawo ezithintek­ile ukubuyisa ugesi.

“Sinxusa ukuthi kube nozinzo emphakathi­ni nokuthi umphakathi usinikeze imininingw­ane yalabo abasebenzi­sa lesi simo ukwenza izenzo zobugebeng­u uma kubhikishw­a,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okuzama ukubulala emuva kokuthi kudutshulw­e abantu ababili ngesikhath­i kubhikishw­a eNtshawini ngoMsombul­uko.

Uthe kukholakal­a ukuthi umshayeli wemoto iGolf 7 udubule abantu ababili abebesembh­ikishweni. Kuthiwa bebejikije­la amatshe emotweni yakhe wase ephuma emotweni wavulela ngenhlamvu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa