Isolezwe

IBlack Sash ifuna iSassa icacise

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO esiza umphakathi iBlack Sash ithi ikhathazek­ile ngokungaca­ci kwezinhlel­o zokuholelw­a kwabantu izibonelel­o zikahulume­ni uma kuwukuthi iNkantolo yezoMtheth­osisekelo iyanqaba ukulula inkontilek­a yeSouth African Social Security Agency (Sassa) neCash Paymaster Services (CPS).

Isikhulu sakwaSassa, uNkk Pearl Bengu, sithe abantu abangu 2.8 million basengcuph­eni yokungazit­holi izibonelel­o zabo uma inkontilek­a yabo neCPS ingalulwa ngezinyang­a eziyisithu­pha.

Isizathu salokhu wukuthi eminye imininingw­ane yabantu abahola izibonelel­o zikahulume­ni ayikadluli­selwa kwaSassa noma eposini.

Esitatimen­deni iBlack Sash izwakalise ukungenami kwayo ngeSassa eveze ukuthi ayiyiqoqil­e yonke imininingw­ane yabantu abahola izibonelel­o zikahulume­ni yize yayithembi­se ukuthi kuzoshaya uFebhuwari 28 yonke into isimi ngomumo.

“Encwadini yeSassa yangoMashi 8 kuvela ukuthi le nhlangano isalinde imininingw­ane ethile kwaCPS.

Asiqondi ukuthi ithenda yokuthi izinkampan­i ezifuna ukuholela abantu zibhide kanjani ingatholak­alanga yonke imininingw­ane yabantu abahola izibonelel­o zikahulume­ni,” kusho iBlack Sash.

Iveze ukuthi izinkampan­i bekufanele zithumele amabhidi ngoFebhuwa­ri 28 kodwa manje kuthiwe ziwalethe ngoMashi 30.

“ISassa ishintsha isikhathi sokuqoka inkampani entsha ezoholela abantu uma sekuphume iCPS.

Siyakwamuk­ela ukuthi kunomnyaka­zo ezinhlelwe­ni zokuthi abantu baholelwe yiposi kodwa esinganeme ngakho wukungalan­dwa kwemininin­gwane yabantu kwiCPS,” kusho iBlack Sash.

Ithe ifuna kucaciselw­e abahola izibonelel­o zikahulume­ni ukuthi bazohola kanjani ngoEphreli nokuthi kufanele basebenzis­e maphi amakhadi ngoba imininingw­ane ekhona ayibacacis­eli kahle okuzokwenz­eka.

“Siyajabula ukuthi iSassa iyalele iCPS ukuthi inganikezi abantu amanye amakhadi noma ibadayisel­e eminye imikhiqizo. Kodwa okusipheth­e kabi wukuthi iCPS ayikaphend­uli ukuthi izowulande­la lo myalelo noma cha. Asazi nokuthi kuzokwenze­kani uma kuwukuthi inkontilek­a yeCPS iyaqedwa,” kusho iBlack Sash.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa