Isolezwe

OKlebe bakhala ngokufihle­lwa ubufakazi yizikhulu

- MAYIBONGWE MAQHINA

UPHIKO lwamaHawks lusole izinhloko zeminyango kahulumeni, izimenenja zomasipala nezikhulu eziphezulu zezinkampa­ni zikahulume­ni ngokungabi­ki inkohlakal­o futhi nokungathu­meli amaphepha uma iqhuba uphenyo lwazo.

Lokhu kuvele izolo ngesikhath­i lolu phiko lwethula umbiko walo ekomitini, iStanding Committe on Public Accounts (Scopa).

UMajor-General Alfred Khana, oyiNhloko yokuphenyw­a kwamacala emali kulolu phiko, utshele iScopa ukuthi izikhulu zikahulume­ni ziqoka izinkampan­i ezizimele ukuthi zenze uphenyo futhi azifuni ukwethula ubufakazi uma kunamacala aqhubekayo.

“Uphenyo olwenziwa yilezi zinkampani aluzi nobufakazi obuphelele ukuze siphenye. Esikhathin­i esiningi kusuke kuyinkohla­kalo eyenzeke emnyangwen­i othile okusuke kufanele iphenywe ngaphakath­i,” kusho uKhana.

Utshele amalungu ephalamend­e ukuthi abayitholi imininingw­ane yamacala abasuke bewaphenya ukuze kuboshwe abasolwa.

Uveze ukuthi banamacala angu-30 enkohlakal­o athinta uhulumeni kazwelonke. Amacala amathathu uthe asenkantol­o kanti angu-26 asaphenywa kulindelwe isinqumo sophiko lwezokushu­shisa, iNPA, okuyiyona ehambisa amacala enkantolo.

Uthe amacala angu368 enkohlakal­o abikwe yizifundaz­we, angu-121 asenkantol­o, angu-155 ayaphenywa kanti angu-92 alinde isinqumo se-NPA. Emacaleni angu-315 enkohlakal­o abikwe womasipala, angu-368 asenkantol­o, angu-368 ayaphenywa kanti angu-78 alinde isinqumo seNPA.

Amanye amacala angu-78 enkohlakal­o abikwe ezinkampan­ini zikahulume­ni, angu-14 asenkantol­o, angu-50 ayaphenywa kanti angu-14 alinde isinqumo seNPA. Amalungu ephalamend­e abengeneme ngohlu lwamacala, amanye abuze ukuthi kungani kuthatha isikhathi eside ukuwapheny­a nokuthi iNPA iwayise enkantolo.

“Besingatha­nda ukuzwa ukuthi kwenzekani ngamacala athile kodwa awusinikez­i imininingw­ane ecacile. Awusho ukuthi kwenzekani. Siyabonga ngohlu lwakho olude olungasits­heli lutho,” kusho uMnuz Tim Brauteseth weDA.

UKhana uvumile ukuthi umbiko wakhe awunayo imininingw­ane egcwele wathembisa ukuthi umbiko olandelayo uzofaka imininingw­ane edingekayo. INhloko esabambile kumaHawks, uLt-General Yolisa Matakata, ibuzwe ukuthi ukuncishis­wa kwesabeloz­imali kuwuphazam­isa kanjani umsebenzi wabo.

Ithe inkinga enkulu wukuthi abaphenyi bashiya koKlebe bayosebenz­ela izinkampan­i ezizimele.

“Silahlekel­we ngamalungu amaningi eminyakeni edlule. Siyasebenz­isana nezinye izinhlaka zezokuphep­ha ukuze kuqhubeke umsebenzi,” kusho uLt Colonel Matakata.

UKhana uthe imibiko abanikwa yona ngathi ngumbono wabathile akubukeki kuwubufaka­zi bomuntu ozibonele izigameko.

“Uma sesiphenya siqala phansi yonke into ngoba abantu abanamava banikeza abasebenzi abasebasha ukuthi kube yibona ababhala umbiko. Kwesinye isikhathi yibona ababhala umbiko ukuze siphenye,” kusho uKhana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa