Isolezwe

Isinqumo sekomiti lePhalamen­de kolwesomis­o

- MCEBO MPUNGOSE

USAMUKELE ngezandla zombili isinqumo sokuthathw­a kwesomiso njengenhle­kelele ebhekene nezwe uNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Izolo, ikomiti lasePhalam­ende elibhekela isomiso nokushoda kwamanzi limemezele ukuthi isomiso esihlasele izifundazw­e ezihlukene sesizothat­hwa njengenhle­kelele ebhekene nezwe, nokuchaza ukuthi sekuzokwen­gezwa imali yezinhlelo zokulwa nale nhlekelele.

UNkk Dube-Ncube uthe isinqumo sizosileke­lela kakhulu isifundazw­e iKwaZulu-Natal njengoba saqala ukubhekana nesomiso ngo-2014.

“Siyasamuke­la isinqumo njengesifu­ndazwe ngoba siqale ukubhekana nesomiso esibucayi kusukela ngo-2014. Isomiso sesingcono ngenxa yezinhlelo zokonga amanzi esizilande­layo komasipala kodwa izinga lamanzi emadamini lisephansi kakhulu,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe balindele ukuthi ukuhlonzwa njengenhle­kelele kwesimo sesomiso kuzoqinisa izinhlelo zokonga amanzi ebesezivel­e ziqaliwe kulesi sifundazwe.

Ezinye izifundazw­e ezibhekene nesomiso esinzima yiWestern Cape, yingxenye yeNothern Cape ne-Eastern Cape. Esitatimen­deni ikomiti liveze ukuthi njengamanj­e azikho izimpawu ezikhomba ukuthi imvula izona ngokwanele ukuthi sehle isomiso eWestern Cape naseNother­n Cape.

“IWestern Cape yindawo enemvula ngesikhath­i sasebusika. Kulindelek­e ukuthi imvula ibe khona kusukela ngo-Ephreli. Imizamo yokonga amanzi kulesi sifundazwe nokho isithele izithelo ezinhle muva nje.”

Ngokombiko woMnyango wezaManzi neNhlanzek­o ophume ngoMashi 6, izinga lokugcwala kwamanzi emadamini likhuphuke ngo-0.2% uma liqhathani­swa nesonto langaphamb­ilini. Izinga lamanzi emadamini likhuphuke lisuka ku-63.2% laya ku-63.4%.

Njengamanj­e uphiko olubhekela izinhlekel­ele, iNational Disaster Management, selusungul­e ikomiti, iNational Joint Drought Coordinati­ng Committee (NJDCC), elizoseben­zisana nohulumeni bezifundaz­we ukuze kusungulwe izindlela zokonga amanzi.

Ikomiti liqhube lathi ukuthathwa kwesomiso njengesimo esiyinhlek­elele ebhekene nezwe akuyona indlela yokuthola imali nje kuphela kodwa kuzoholela ekutheni kube nokubambis­ana empini yesomiso ebhekene nezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa