Isolezwe

Uhhahhamez­iwe umbhali oqhulule izinhlamba

- CHARLES KHUZWAYO

UPHUME esehhahham­ezwa yizithamel­i esteji umbhali wezincwadi wase-Eastern Cape u-Unathi Slasha ngemuva kokushiya angalazi kubagqugqu­zeli beTime of The Writer Internatio­nal Festival ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni le festivali, e-Elizabeth Sneddon Theatre e-UKZN Howard College, eThekwini, ngoMsombul­uko ebusuku. “Ngiyabonga ukumenywa kula ma .... (esho inhlamba). Angimenywa mina emicimbini ngoba kuthiwa ngikhuluma kakhulu.”

Ube eselandeli­sa ngoxhaxha lwezinhlam­ba. Kuthe ngesikhath­i esefuna ukufundela izithameli ingxenye yencwadi yakhe esihloko sithi Jah Hills, iningi lavele lamhhahham­eza lithi akaphume ngoba usedunge umcimbi. Uqhubekile nokudaza inkani kwaze kwangenele­la uMqondisi osabambile we-Centre for Creative Arts (CCA) uNksz Chipo Zhou, engabagqug­quzeli bale festiveli, oze wasusa u-Unathi ngesitayel­a. Umphuce incwadi yakhe wabe esenxusa izithameli ukuba ziyithenge, kwayima lo mbhali ehamba kodwa engeneme.

Ebuzwa u-Unathi ukuthi ubecikwe yini. Uthe yena ugxile ezincwadin­i ezilandisa ngamasiko nemikhuba yabantu abamnyama base-Afrika kodwa kulawa mafestival­i azinakwa lezo zincwadi.

“Kuhlale kukhulunyw­a ngokuqhaka­njiswa kwamasiko abantu abamnyama, okuyinto egcine ingenzekan­ga. Njalo kuhlale kuhlanganw­a kukhulunyw­ana ngento eyodwa kodwa akunazingu­quko. Nalapha akukho engizokufu­nda, ngaphandle kokugxishw­a ngamasiko ezinye izinhlanga. Ziphi izincwadi zezinganek­wane zabantu abamnyama? Silokhu sifundekel­wa ngezincwad­i ezikhuluma ngemicaban­go yabantu,” kubhoka ngolaka u-Unathi.

Isikhulu seCCA, uNksz Siphindile Hlongwa, sithe iTime of the Writer inkundla yababhali abanemicab­ango esusa inkulumo-mpikiswano.

“Ababhali abaphonsel­a le festiveli inselelo bamukeleki­le ukukhuluma nathi nezithamel­i zethu uma sekudingid­wa izihloko ezithile U-Unathi Slasha uzoba yingxenye yethimba elizobe lidingida ngezihloko ngoLwesibi­li ebusuku (izolo) e-Elizabeth Sneddon Theatre futhi ngoLwesith­athu (namuhla) uzobe eseWestvil­le Library,” kuphetha uNksz Hlongwa.

U-Unathi uthe yena ukubhala ngezingane­kwane nangemikhu­ba yabantu abamnyama yikhono alithola kugogo wakhe.

 ?? MBATHA/ANA ?? UMBHALI wezincwdi u-Unathi Slashi ekhuluma emcimbini weTime of The Writer Festival e-UKZN Howard CollegeIsi­thombe:BONGANI
MBATHA/ANA UMBHALI wezincwdi u-Unathi Slashi ekhuluma emcimbini weTime of The Writer Festival e-UKZN Howard CollegeIsi­thombe:BONGANI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa