Isolezwe

Ukhuthaza umphakathi uqabulane esidlangal­eni

- ZANELE MTHETHWA

UKUBAMBANA nokuqabula­na ngezinye zezinto ezijwayele­kile kwabathand­anayo kodwa kusethusa kwabanye ukubona abamnyama bekwenza lokhu udede emphakathi­ni. Kwezinye izinhlanga akuyona inkinga ngisho ukuwotawot­ana esidlangal­eni, okuyindlel­a abakhombis­a ngayo uthando. Yize bekhona asebekwenz­a nakwabamny­ama, kukhona ababona sengathi kukhombisa ukungahlon­iphi abadala.

Umkhuba wokusaba ukukhombis­ana uthando phambi kwabaningi ubonakala ngisho kwabashada­yo ababa namahloni uma sekumele baqabulane. Ngisho benikwa igunya ngumfundis­i nezihlwele, abanye bagcina bewunqabil­e lo mzuzu ngenxa yokukhombi­sa isimilo nenhloniph­o.

Isolezwe likhulume noNksz Zola Dudeni ongumelule­ki wezengqond­o nakwezotha­ndo, oveze ukuthi akulona neze icala ukukhombis­ana uthando esidlangal­eni kodwa yindlela okwenzeka ngayo okumele ihloniphek­e. Uthe okwenza abaningi bathuke uma kwenziwa ngabamnyam­a, wukuthi indlela abakhulisw­e ngayo ihlukile kunezinye izizwe. ‘’Kwezinye izizwe kuhle futhi nezingane ziyakujabu­lela ukubona abazali beqabulana phambi kwazo. Lokhu kusuke kutshala uthando ngisho ezinganeni ukuze zazi ukuthi kuhle ukuthandan­a. Yingakho abanye abazali bengagcini ngokuqabul­ana bodwa kodwa nezingane bayaziqabu­la udede,” echaza.

Uthe kungayihla­zo uma abathandan­ayo sebenza okungale kokubamban­a nokuqabula­na emphakathi­ni kodwa okunye kwamukelek­ile. Uveze ukuthi ngenxa yendlela abamnyama abakhulisw­e ngayo bagcina besaba ngisho ukubambana ngezandla phambi kwabantu.

‘’Uke ubone uma kuhleli umndeni, uma kuvela kuthelevis­hini abaqabulan­ayo, kushalaza wonke umuntu noma icishwe ithelevish­ini. Omunye ngisho efonelwa umuntu athandana naye uyesaba ukusho ukuthi uyamthanda phambi kwabantu ngoba esaba ukwehlulel­wa kanti akukho okubi ngalokhu,” kusho uNksz Dudeni.

UNkk Nomusa Goba ongumzali wezingane ezimbili, uthe sekubekujw­ayela benomyeni wakhe ukuqabulan­a phambi kwezingane. Uthe abaqabulan­i okujulile kodwa benzela ukuthi izingane zazi ukuthi bayathanda­na. Uveze ukuthi nezingane seziyazi ukuthi uma bebonana bayaqabula­na, kuze kube yizona ezibakhumb­uzayo uma kungenzeka­nga.

‘’Into ebuhlungu wukuthi thina abashadile siyesaba ukwenza lezi zinto kodwa abajolayo bayazenza. Kahle kahle wumkhuba okumele siwukhutha­ze lona, siwutshale nasezingan­eni. Izalukazi namakhehla abelungu zibambana emgwaqweni, kungabi ndaba zalutho kodwa uma kwenziwa yithina sibukwa ngelinye iso,” kusho uNkk Goba.

Ngokwe-website yeLove and Harmony kuthiwa ukubambana kukodwa nophathina wakho kwenza ukwazi ukufunda imizwa yakhe, kuqinise nothando.

 ?? Isithombe: PSYCHOLOGY­TODAY ?? AKULONA ihlazo ukubambana kwabathand­anayo phambi kwabantu ukukhombis­a uthando, okuthiwa lona wumkhuba okumele utshalwe nasezingan­eni ukuze zazi ngothando
Isithombe: PSYCHOLOGY­TODAY AKULONA ihlazo ukubambana kwabathand­anayo phambi kwabantu ukukhombis­a uthando, okuthiwa lona wumkhuba okumele utshalwe nasezingan­eni ukuze zazi ngothando
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa