Ukhuthaza umphakathi uqabulane esidlangaleni
UKUBAMBANA nokuqabulana ngezinye zezinto ezijwayelekile kwabathandanayo kodwa kusethusa kwabanye ukubona abamnyama bekwenza lokhu udede emphakathini. Kwezinye izinhlanga akuyona inkinga ngisho ukuwotawotana esidlangaleni, okuyindlela abakhombisa ngayo uthando. Yize bekhona asebekwenza nakwabamnyama, kukhona ababona sengathi kukhombisa ukungahloniphi abadala.
Umkhuba wokusaba ukukhombisana uthando phambi kwabaningi ubonakala ngisho kwabashadayo ababa namahloni uma sekumele baqabulane. Ngisho benikwa igunya ngumfundisi nezihlwele, abanye bagcina bewunqabile lo mzuzu ngenxa yokukhombisa isimilo nenhlonipho.
Isolezwe likhulume noNksz Zola Dudeni ongumeluleki wezengqondo nakwezothando, oveze ukuthi akulona neze icala ukukhombisana uthando esidlangaleni kodwa yindlela okwenzeka ngayo okumele ihlonipheke. Uthe okwenza abaningi bathuke uma kwenziwa ngabamnyama, wukuthi indlela abakhuliswe ngayo ihlukile kunezinye izizwe. ‘’Kwezinye izizwe kuhle futhi nezingane ziyakujabulela ukubona abazali beqabulana phambi kwazo. Lokhu kusuke kutshala uthando ngisho ezinganeni ukuze zazi ukuthi kuhle ukuthandana. Yingakho abanye abazali bengagcini ngokuqabulana bodwa kodwa nezingane bayaziqabula udede,” echaza.
Uthe kungayihlazo uma abathandanayo sebenza okungale kokubambana nokuqabulana emphakathini kodwa okunye kwamukelekile. Uveze ukuthi ngenxa yendlela abamnyama abakhuliswe ngayo bagcina besaba ngisho ukubambana ngezandla phambi kwabantu.
‘’Uke ubone uma kuhleli umndeni, uma kuvela kuthelevishini abaqabulanayo, kushalaza wonke umuntu noma icishwe ithelevishini. Omunye ngisho efonelwa umuntu athandana naye uyesaba ukusho ukuthi uyamthanda phambi kwabantu ngoba esaba ukwehlulelwa kanti akukho okubi ngalokhu,” kusho uNksz Dudeni.
UNkk Nomusa Goba ongumzali wezingane ezimbili, uthe sekubekujwayela benomyeni wakhe ukuqabulana phambi kwezingane. Uthe abaqabulani okujulile kodwa benzela ukuthi izingane zazi ukuthi bayathandana. Uveze ukuthi nezingane seziyazi ukuthi uma bebonana bayaqabulana, kuze kube yizona ezibakhumbuzayo uma kungenzekanga.
‘’Into ebuhlungu wukuthi thina abashadile siyesaba ukwenza lezi zinto kodwa abajolayo bayazenza. Kahle kahle wumkhuba okumele siwukhuthaze lona, siwutshale nasezinganeni. Izalukazi namakhehla abelungu zibambana emgwaqweni, kungabi ndaba zalutho kodwa uma kwenziwa yithina sibukwa ngelinye iso,” kusho uNkk Goba.
Ngokwe-website yeLove and Harmony kuthiwa ukubambana kukodwa nophathina wakho kwenza ukwazi ukufunda imizwa yakhe, kuqinise nothando.