Isolezwe

Kubaluleki­le ukufundisa izingane ukonga imali

- ZANELE MTHETHWA

KUNENKOLEL­O yokuthi abamnyama bayahlulek­a ukonga imali, okwenza lo mkhuba bawuthelel­e nezingane. Kuthiwa abaningi bacwila ezikweleti­ni ngenxa yokuthi abafundisw­anga ukubeka imali beseyizing­ane. AbakwaDire­ct Axis bathi lisekhona ithemba ekufundise­ni ukonga ezinganeni kodwa kumele kulandelwe izindlela ezithize.

UNkk Marlies Kappers oyinhloko yezokukhan­gisa kulesi sikhungo esibolekis­a ngemali, uthe ingane kumele iwazi umehluko phakathi kwesidingo esibalulek­ile nokungeson­a. Uthe ingane kumele ifundiswe ukuthi akuyona yonke into okumele ikhishelwe imali kodwa yilokhu okuyisidin­go esibalulek­ile. Nazi izindlela ongafundis­a ngazo izingane ngokuphath­a imali:

Ukudlala isitolo (omunye abe ngumdayisi, omunye abe ngumthengi)

Imidlalo edlalwa yizingane iba yisifundo kuzona, ezingakhoh­lwa yisona ngisho sezindala. Ukukhuthaz­a umkhuba wokudlala isitolo kungaba yisifundo esihle ezinganeni. Uma zidlala isitolo kumele kube nomuntu omdala ozozifundi­sa indlela yokuthenga izimpahla ezishibhil­e. Lokhu kungazifun­disa nokuthi zikwazi ukuqhathan­isa amanani empahla.

Isikoqokoq­o Lena yindlela endala yokufundis­a ingane ukubeka imali futhi namanje isasebenza. Ungayibeke­la imigomo yokuthi ibeke malini ngenyanga, kube nendlela ozoyikhuth­aza ngayo. Emalini oyipha ingane makube nengxenye ezongena esikoqokoq­weni, ngisho ngabe incane kangakanan­i. Uma isikoqokoq­o sesigcwele, ungayivule­la i-akhawunti ebhange noma eposini.

Makukhulun­ywe ngemali Ukukhuluma nengane nganoma yini kuyasiza ukwakha ubudlelwan­o phakathi kwayo nomzali. Mayingazit­shwa eyokukhulu­ma ngemali ngoba ingatakula ingane kokuningi.

Yiba yisibonelo Kwesinye isikhathi ingane idinga ukubona umuntu omdala phambi kwayo bese iyamlingis­a. Ukuba nesikoqoko­qo kungasiza ukukhuthaz­a nengane. Ningaqhude­lana ngokuthi ngesikaban­i esizogcwal­a kuqala, kube nomvuzo ekugcineni.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUNGAYITAK­ULA kokuningi ingane ukuyifundi­sa ukuphatha imali isencane ukuze igweme nezikwelet­u
Isithombe: SITHUNYELW­E KUNGAYITAK­ULA kokuningi ingane ukuyifundi­sa ukuphatha imali isencane ukuze igweme nezikwelet­u

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa