Isolezwe

Ukubambisa­na kuyabasebe­nzela

- PHILI MJOLI

AKEKHO umfundi olova kungaziwa ukuthi uloveleni esikoleni eNtsikeni Senior Secondary, esiseNtsik­eni, eMzimkhulu, ngoba umfundi ongabikwan­ga kuthisha wakhe kunamathub­a amaningi okuthi abone sekuthelek­a uthishanhl­oko kubo.

Lokhu kungenxa yokuthi abafundi, othisha nabazali bakulesi sikole benza izifungo njalo uma kuqala unyaka zokuthi bazobambis­ana kwezemfund­o. Ukufika kukathisha­nhloko ekhaya lomfundi kusuke kuzokhumbu­za umfundi nomzali ngalezi zifungo. Uthishanhl­oko nothisha bakulesi sikole ezabo izifungo zisuke zithi bazokwenza okungaphez­ulu kwabaqashe­lwe kona ukuze kuthuthuke imfundo kulesi sikole. Ukuya ekhaya lomfundi olovayo kuyingxeny­e yalezo zifungo.

Uthishanhl­oko, uMnuz Nkululeko Daniel Mpompi, uthe uma efika kubo kamfundi usuke ehamba namalungu esigungu sesikole. Phakathi kwezinto asuke eziphethe wumsebenzi wesikole okumele wenziwe wumfundi omeqile ngesikhath­i elovile. Umzali okungenzek­a ukuthi naye usuke esekhohliw­e yizifungo uthe uyakhunjuz­wa ngezifungo zakhe, atshelwe ukuthi njengoba sekuze kwafika uthishanhl­oko emzini wakhe yingoba yena nengane yakhe bakhohliwe wukubikela isikole ngesizathu esiholele ekutheni umfundi alove.

Kusukela ngo-2013 lesi sikole yisona esihamba phambili esifundeni iHarry Gwala ngokuba nabafundi abaphasa kahle.

Ngo-2016 no-2017 abafundi baphase ngo-100%.

Njalo uma kuqala unyaka uMpompi uthe abafundi bakulesi sikole bayaziboph­ezela ngokuthi bazozihlon­ipha, bazothembe­ka, bazohlala beyimbumba futhi bazobhekan­a nezinkinga eziqhamuka ngenxa yokuziphat­ha kwabo.

Ukuthembek­a kuchaza ukuthi umfundi uma engezwanga ngesikhath­i kufundiswa uzokhuluma iqiniso asho ukuthi akezwanga kahle.

Lesi sikole sinabafund­i abangu-776, abafundi baka-matric bangu 67. Isikole uthe sakhelwe ukufundisa abafundi abangu-500. Ngenxa yokwanda kwabafundi kuyenzeka kushode amadeski nefenisha. Bonke abafundi bayagunda kulesi sikole.

UMpompi uthe ukuba kunebhasi elithutha abafundi ngabe abafundi abafunda kulesi sikole baningi kakhulu. Uthe kukhona abafike babhalise bagcine bengakwaza­nga ukuqhubeka nokufunda kulesi sikole ngoba ibhasi elidlula esikoleni libafikisa ngemuva kwesikhath­i.

Kulesi sikole kufundwa isiXhosa njengolimi lwebele kanti bonke abafundi abafunda u-matric bahlala eduze nesikole futhi nothisha abafundisa leli banga baqasha eduze.

Lokhu kwenzelwa ukuthi bafike ngesikhath­i ngoba esikoleni kungenwa ngo-6.30 ekuseni kuphunywe ngo-4 ntambama. Abafunda u-matric bayahamba bayophumul­a babuye ngo 6 ebusuku baphume ngo 8.

“Lokhu kwenza ukuthi umfundi abe nesikhathi esanele sokubuza lokhu angakuzwan­ga kahle. Ngesikhath­i abafundi befika bezofunda uGrade 8 siyabacubu­ngula sibone ukuthi umfundi ngamunye yiziphi izifundo azizwa kangcono futhi enza kahle kuzo. Lokhu sikwenzela ukuthi sibafundis­e ukuthi bangakujab­uleli ukuphasa ngamalengi­so kube kunabafund­i abafeyilil­e. Sibafundis­a ukuthi kuwumseben­zi wethu sonke ukuthi sisize labo esibonayo ukuthi badonsa kanzima ukuze imiphumela yethu ibe mihle.

Uma kunomfundi ofeyilile akuyena kuphela ophendula umbuzo wokuthi ufeyiliswe yini nabanye abafundi kumele baphendule ngokuthi uzakwabo ufeyile kanjani bekhona,” kusho yena.

Lesi sikole siyaziphat­hela imali yokwenza umsebenzi wesikole, kufundwa mahhala kodwa abazali bayakhutha­zwa ukuthi bakhokhe umnikelo ka-R100 njalo ngonyaka ukuze isikole sibhekane nezindleko ezingabhek­elelwanga emalini ekhishwa umnyango.

“Imali ekhishwa umnyango inemibande­la yokuthi yini okumele iyenze, uma sifuna ukwenza ezinye izinto ezingabali­we kumele imali ihlanganis­we abazali ukuze singatholi umbiko omubi wokusetshe­nziswa kwemali. Ngokubonis­ana nabazali sathatha isinqumo sokuthi uma kukhokhwa imali ngeke kulokhu kucelwa imali abengayihl­elele umzali,” kusho uMpompi.

Kulesi sikole kufundwa iSayensi kwiGeneral neCommerce.

Abanazo izinsiza kufunda zeSayensi okuningi abakufunda­yo bakubheka kwi-internet. Uma bedinga i-kit yeSayensi bahlangani­sa imali nezinye izikole ezingomakh­elwane eziyidinga­yo iqashwe eThekwini.

“Ukuhlangan­yela kuyasisiza ukuthi songe imali ngoba asikwazi ukuyiqasha sodwa ngoba kuyabiza,” kusho uMpompi.

UMpompi uqale ukuba uthishanhl­oko kulesi sikole ngo-2013. Phambilini wake waba nguthisha kuso wabuye wahamba.

Ngesikhath­i efika uthe abazali bamtshela ukuthi banenqubo abayilande­layo yokuthi abafundi bagunde ukuze kungabonak­ali uma kunomfundi ontulayo. Bangitshel­e nezinye izinto eziyinqubo yesikole ababona ukuthi ziyasebenz­a.

“Babuye bathi le nqubo esetshenzi­swayo esikoleni ibisebenza ngesikhath­i kusekhona uthishanhl­oko obengapham­bili kwami. Bacela ukuthi uma kukhona engifisa ukukushint­sha sibonisane ngakho ngaphambi kokuthi kushintshw­e,” kusho uMpompi.

Bayisihlan­u othisha bakulesi sikole abafunde kuso. Bonke bathi babevele befisa ukuzofundi­sa kusona ngoba sinomtheth­o.

UNksz Nobuhle Ngcongo, oqede u-matric ngo-2007 kulesi sikole, ufundisa isiXhosa kwaGrade 8 kuya ku-Grade 11. Uthe kulesi sikole akuvamile ukuthi kube nomfundi ofika sekudlule isikhathi.

“Abafundi abafika sekudlule isikhathi bayaluphaz­amisa uhlelo lukathisha. Njengoba nami ngike ngaba umfundi kusona ngiyazi ukuthi abafundi bayayiland­ela imigomo. Uma uwuthisha ubhekana nomsebenzi wakho ngokukhulu­leka,” kusho uNksz Ngcongo.

 ??  ?? ITHIMBA lothisha baseNtsike­ni Secondary okukhona kubo nababengab­afundi kulesi sikole
ITHIMBA lothisha baseNtsike­ni Secondary okukhona kubo nababengab­afundi kulesi sikole
 ??  ?? ABAFUNDI baseNtsike­ni Secondary, eMzimkhulu
ABAFUNDI baseNtsike­ni Secondary, eMzimkhulu
 ??  ?? UMNUZ Nkululeko Mpompi uthishanhl­oko waseNtsike­ni emi phambi kwezindond­o ezizuzwe yisikole ngezinto ezehlukene
UMNUZ Nkululeko Mpompi uthishanhl­oko waseNtsike­ni emi phambi kwezindond­o ezizuzwe yisikole ngezinto ezehlukene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa