Isolezwe

Uzolalela izikhalo zothishanh­loko

- ZANELE MTHETHWA

UKUBA manzonzo kwesimo ezikoleni zakuleli sekuholele ekutheni kube nengqungqu­thela ephuthumay­o yothishanh­loko, ezoqala eThekwini kusasa.

Le ngqungquth­ela yezinsuku ezimbili ibizwe yinyunyana yothisha iNational Teachers Union (Natu). Izohanjelw­a nanguNgqon­gqoshe weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga.

Iphini likaMengam­eli weNatu, uMnuz Allan Thompson lithe ukungasebe­nzeki ezikoleni zakuleli ngenxa yezinkinga, yikona okwenze babiza le ngqungquth­ela.

“Izinkinga ezikoleni zikhona kuzwelonke kodwa isimo sibi kakhulu KwaZuluNat­al, kuvalwe amehlo. Yingakho othishanhl­oko abaningi abazothame­la le ngqungquth­ela kungabesif­undazwe. Isifundazw­e sinothisha abangaqash­iwe, abanye babambile kodwa abaholelwa. Baningi nasebeqede ukufunda kodwa abaqashwa ezikoleni. Kunezikole ezivalelwe ugesi namanzi, amanye amahhovisi avaliwe ngenxa yezinkinga. Zonke lezi zinkinga zenza kungaseben­zeki kahle ezikoleni, kwehlisa nomfutho kothishanh­loko,” kuchaza uThompson. Uveze ukuthi selokhu kuqale unyaka ziyanda izinkinga asebebikel­we zona ezikoleni ezahlukene. Ezinye zazo ubale ukugcwala ngokweqile kwamakilas­i, ukungaleth­wa kwezincwad­i nezingane ezingenabo othisha. Uthe kunezikole eziphucwe ilungelo lokuzithen­gela izincwadi, okuyinto engenzekan­ga ngendlela efanele. ‘’Sibize othishanhl­oko ukuze bazilethe bukhona izinkinga abanazo ezikoleni. Simeme ungqongqos­he ukuze azizwele, esithemba ukuthi kuzophuma izixazulul­o. Sifuna nokuthi othishanhl­oko babuyelwe yithemba ngoba uma bephela amandla kuzolimala ikusasa lemfundo yezingane,” kusho uThompson.

Uthe indlela isimo esibheda ngayo esifundazw­eni, bazophakam­isa ukuthi kusetshenz­iswe umthetho iSection 100 ogunyaza umnyango kuzwelonke ukuthi ulawule owesifunda­zwe. Uthe bafuna uNkk Motshekga abatshele ukuthi yini ezovimba lokho ngoba isimo sesingaphe­zu kwamandla esifundazw­eni.

Kwabazoba yingxenye yale ngqungquth­ela ezoba seCoastlan­ds Hotel, kubalwa iSA Council for Educators nohlaka olubheka ukuhlolwa kwabafundi baka-matric, uMalusi.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekel­o uMnuz Elijah Mhlanga ukuqinisek­isile ukuthi ungqongqos­he usitholile isimemo futhi uzoba khona engqungqut­heleni.

“Ngeke sikwazi ukuphawula ngeziphaka­miso nezinkinga ezenze kwabizwa le ngqungquth­ela, singakazi ukuthi kuzokhulun­ywa ngani. Esingakuqi­nisekisa wukuthi ungqongqos­he uzolalela izikhalo kubonakale ukuthi kuyiwa kanjani phambili,” kusho uMhlanga.

 ?? Isithombe: OUPA MOKOENA ?? UZOLALELA izikhalo zothishanh­loko bezikole uNgqongqos­he weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga ozoba esengqungq­uthela eThekwini
Isithombe: OUPA MOKOENA UZOLALELA izikhalo zothishanh­loko bezikole uNgqongqos­he weMfundo eyiSisekel­o uNkk Angie Motshekga ozoba esengqungq­uthela eThekwini
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa