Isolezwe

Sukumani bazali nivikele ikusasa lezingane zenu

-

IYIPHI enye indlela esingachaz­a ngayo isiphakami­so sikaNgqong­qoshe weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, sokuphinde kwehliswe imaki lokuphasa ngaphandle kokuthi uvuma ukuthi sebehlulek­ile njengomnya­ngo? Ufuna ukwehlisa amamaki okuphasa komfundi ukuze adlulele kwa-Grade 7, 8 no-9.

Umnyango uphakamise ukuthi amamaki okuphaswa ngawo izilimi zebele ehliselwe ku-40%. Umfundi uzobe ephasile uma ethole u-40% kuzo no-30% kwezinye izifundo ezintathu.

Nakuba sikuqonda ukuthi ezweni lethu kunomlando wokufunza ingane yomuntu omnyama imfundo ebhedayo kodwa kunzima ukwamukela ukuthi emva kweminyaka engaphezu kwewu-20 kwaphatha uhulumeni wentando yabantu, izinga lemfundo yethu lithi umfundi udinga u-40% ukuze aphase ulimi lwebele. Lokhu kuyichilo futhi kufanele bazinuke amakhwapha abaphathis­we umsebenzi wokusicije­la abaholi bakusasa.

Imfundo ethi umfundi akaphase ngo-40% izobakhiqh­iza kanjani odokotela, onjiniyela nabanye ochwephesh­e bakusasa?

Ethula imiphumela ka-matric ka-2017, ungqongqos­he wathi: “Uma sizophucul­a imiphumela yemfundo yethu, kumele siqhubeke nokuthuthu­kisa izinga lokufunda nokufundis­a umfundi engakafiki kwaGrade-12.”

Useyikhohl­iwe yini le nkulumo uNkk Motshekga? Iyodwa kuphela into ezothuthuk­a uma siphumelel­a isiphakami­so esisanda kwenziwa – kuzonyuka isibalo sabafundi abazophasa kodwa bazobe bengaphumi nemfundo enohlonze futhi bazothwala kanzima ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

Kuyathokoz­isa ukubona ukuthi izinyunyan­a zothisha kazihambis­ani nesiphakam­iso.

I-Sadtu ithe kuyakhatha­za ukubona kulokhu kuqhubeka umkhuba wokwehlisa izinga lokuphasa kanti i-Naptosa ithe kufanele ukuthi zikhona ezinye izindlela zokusiza abafundi, enye yazo ethe wukwandisa izinhlelo zokujwayez­a izingane ukufunda izincwadi.

Isiphakami­so sivulelwe umphakathi ukuthi uphawule ngaso. Siyathemba abazali yibona abazokusuk­umela kakhulu lokhu ngoba uma siphasa sizobe sibulala ikusasa lezingane zabo futhi sizobulala nezilimi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa