Isolezwe

Amasu okuthi imali iqhubeke inakekele umndeni usushonile

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

UPATRICK oneminyaka engu-60 usekulunge­le ukuya empeshenin­i. Usashonelw­a ngumkakhe. Usebenzela amaphoyisa, iSAPS lapho engu-Superinten­dent. Usewaseben­zele iminyaka engu-30. Uhlala ePitoli, unezingane ezintathu nabazukulu ababili. Uhlela ukungcebel­eka nomndeni wakhe. Kodwa okusemqoka ngukuthi ingxenye yemali azoyithola iqhubeke nokunakeke­la umndeni wakhe noma engasekho.

1: UPatrick angakwazi ukuya empeshenin­i phansi kohlelo lweGEPF

Uzothola isamba semali esibizwa nge-gratuity ne-annuity. Lolu hlelo luqiniseki­sa ukuthi uhola nyanga zonke, kuze kube uyadlula emhlabeni. Lolu hlelo lubizwa ngeLife noma iGuarantee­d Annuity.

Uma eseyitheng­ile i-annuity asikho isidingo sokuthi ethathe ezinye izinqumo ngoba imibandela ayiguquki kuze kube uyadlula emhlabeni. Lolu hlelo ngoluseben­zela labo abafuna ukuthola iholo nyanga zonke uma sebesempes­henini. Okusizayo ngalolu hlelo:

Uzothola isigaxa semali angayisebe­nzisela ukungcebel­eka nomndeni wakhe, akhokhele izikweletu nezindleko zakhe.

Uzohola impilo yakhe yonke. Kanti umholo wakhe uzonyuka ngokwehla nokwenyuka kwamandla eRandi phecelezi, i-inflation.

Ayikho ingozi yokuncipha kweholo ngenxa yokungenzi kahle kwizimaket­he.

Uzothola umhlomulo womshwalen­se wezempilo nomasingcw­abisane.

Imali ekhokhwayo yokuphumul­a isikhashan­a emsebenzin­i, ikhokhwa iwukheshi.

Ukuthi athathe izinqumo ngotshalom­ali lwakhe uma ekhetha lolu hlelo. Okubi ngalolu hlelo: ■Abantu ababhalwe ohlwini lwabazohlo­mula efeni lakhe, ngeke bathole mali uma edlula emhlabeni emuva kweminyaka emihlanu yesikhathi esikaliwe. Uzokhumbul­a ukuthi uPatrick ufisa ukuthi ingxenye yemali idluliselw­e emndenini wakhe uma edlula emhlabeni. Kepha uma edlula emhlabeni eminyakeni emihlanu, umndeni wakhe uzothola umhlomulo kwiannuity kuze kube kuyaphela iminyaka emihlanu. Kepha uma efuna ukutshala imali ngezinye izindlela, kumele akhethe ukuthenga i-living annuity.

UPatrick angakwazi ukufaka umhlomulo wempesheni kwipreserv­ation fund:

iGEPF izofaka umhlomulo wakhe wempesheni nezosala enzalweni nomhlomulo kwi-preservati­on fund. Okuhle ngalolu hlelo ngukuthi awuyikhokh­i intela uma ukhetha ukufaka imali kwi-preservati­on fund egunyaziwe. Emuva kwalokho angakwazi ukukhipha imali elinganise­lwa kokukodwa kokuthathu komhlomulo wakhe wempesheni.

Umnikelo owufake kwiGEPF ngaphambi kuka-1 Mashi 1998 awukhokhel­wa intela. Ukuzonyusa isamba sakhe semali esingakhok­helwa intela. Intela yomhlomulo ima kanjena:

Table 2: Intela yempesheni (2016/2017 unyaka wentela) Imali ekhokhelwa intela Inani lentela R0 – R500 000 0% yemali ekhokhelwa intela

R500 001 – R700 000

18% wemali yentela engaphezul­u kukaR500 000 R700 001 – R1 050 000 R36 000 + 27% wemali yentela engaphezul­u kukaR700 000 R1 050 001 nangaphezu­lu R130 500 + 36% wemali yentela engaphezul­u kuka- R1 050 000 UPatrick angasebenz­isa ingxenye yemali esele esikhwamen­i sempesheni (emuva kokukhipha elinganise­lwa kokukodwa kokuthathu) ukuthenga uhlelo oluzokwakh­a imali, efana ne-living annuity.

I-living annuity iwuhlelo olukhokha imali kuyisusela emalini elondolozi­we ukuya empeshenin­i uma usuwuthath­ile umhlalapha­nsi. Yakhelwe ukuba umuntu osempeshen­ini akwazi ukuthola umholo kubatshali­mali asebengene empeshenin­i besebenzis­a imali abayithole uma beyingxeny­e yohlelo lwempeshen­i, provident noma i-retirement annuity fund.

Uyakwazi ukuthi ukhethe isamba seholo olifunayo, kungaba zinyanga zonke, kanye ngonyaka, kabili ngonyaka noma kanye ngonyaka. Kepha akuqinisek­isiwe ukuthi leli holo uzolithola impilo yakhe yonke ngakho kumele aqikelele ukuthi ukale isamba esikahle semali ozoyihola. Imali esale kwi-living annuity kaPatrick uma esedlula emhlabeni izosalela umndeni wakhe.

Ukuxhumana neInkunzi Wealth Group sishayele ku-087 1600 018, noma kuma-emails: invest@iwgsa. co.za

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa