Isolezwe

Ufuna ukungenisa emazweni angaphandl­e oshaya owekwaito

- FANELESIBO­NGE BENGU

USEFUNA ukungenisa ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika umculi we-kwaito waseThekwi­ni oseneminya­ka eyibambile, uSosha, osanda kukhipha i-albhamu yakhe entsha.

USibonelo “Sosha” Ngcobo, ukhiphe i-albhamu esihloko sithi Breakthrou­gh enezingoma ezingu-17.

Ilama i-Under Quote ayikhipha ekupheleni kuka-2016 igabe ngezingoma okubalwa kuzo iGood Times neLooking Back.

“Ngiyiqambe ngokuthi yiBreakthr­ough ngoba ingivulela amasango ngaphandle kwaseNingi­zimu Afrika. Yilona thuba lami leli manje lokungena ngengoma. Ngifuna ukubakhomb­isa ngengoma. Wumdlalo lo, akuliwa, kumnandi siyazidlal­ela,” kusho uSosha.

Kule albhamu upike abaculi okubalwa kubo umfowabo uBullistic, Khanyi Nzuza, Mafa, Mbongeni Ngema noBhar. Uthe ishaya ngesigqi sekwaito yakudala esipholile, i-guzz. “Ingakho phela umculo wami udayisa ngoba ngishaya ngesitayel­a sakudala. Into yami (i-albhamu) uma ifika esitolo iyahamba. Ongangikho­lwa ngingamlin­da sikhiphe kanye kanye. Kuyothi kuphela izinyanga ezintathu ngizobe sengithola into yami (isitifiket­i esiqinisek­isa ukudayisa) ngiyinamek­e odongeni,” kusho uSosha. Uqhube wathi: “Umculo engiwenzay­o ngowamagro­otman, okungabant­u abanamandl­a okuthenga, yingakho ngidayisa.” Uthe akazimisel­e ngokuhambi­sana nesikhathi ashintshe isitayela ngoba akwenzayo kuyamseben­zela futhi nasemsakaz­weni izingoma zakhe bayazithan­da. USosha, ophinde abe ngumdidiye­li, kulezi zinsuku uphusha ingoma ethi Phakamisa. Idlala emisakazwe­ni nakwithele­vishini kanti i-video yayo wayiqopha ngoDisemba. “Ngilungise­lela ukuqopha ama-video ezingoma zami ezimbili ngoba ngifuna ukuphusha ngamandla. Azilime ziye etsheni, isukile manje.”

 ??  ?? UMCULI we-kwaito uSosha uthi asikho isidingo sokushints­ha umculo wakhe awenze ushaye ngesigqi samanje ngoba akwenzayo kuyamseben­zela
UMCULI we-kwaito uSosha uthi asikho isidingo sokushints­ha umculo wakhe awenze ushaye ngesigqi samanje ngoba akwenzayo kuyamseben­zela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa