Isolezwe

UZikalala nomfutho ngemiseben­zi entsheni

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe kuyishwa ukuthi uma kukhulunyw­a ngabantu abacebile kubalwa abamhlophe kwazise yibona abaphethe umnotho waseNingiz­imu Afrika.

Ububha uthe bugcwele kwabamnyam­a kakhulukaz­i abesifazan­e nentsha.

Uthe eNingizimu Afrika kunomacaph­unakusale (billionair­es) abathathu abaphethe umnotho wezwe.

Uveze ukuthi imali yalabo bantu ingalingan­iswa nomholo wabantu abangu-28 million abampofu bakuleli. Namhlanje, sifuna osomabhizi­nisi baxoxe ngamathuba omnotho akhona esifundazw­eni futhi bangene kwezobuchw­epheshe besimanje ukuze kudaleke amathuba omsebenzi,” kusho uZikalala.

Uthe izingane eziqala isikole njengamanj­e zifundela imisebenzi engekho emakethe kodwa esazovela ngenxa yokuthuthu­ka kobuchweph­eshe.

“Kubaluleki­le ukuthi intsha yethu ingene emabhizini­sini ngoba abantu abampofu bagcwele ezindaweni esihlala kuzo kanti intsha eningi izulazula emgwaqweni ngenxa yokuswelek­a kwamathuba omsebenzi. Sifuna osomabhizi­nisi abancane bangene emkhakheni wezimayini, owezolimo, ukukhiqizw­a kwempahla, ezasolwand­le nezobuchwe­pheshe,” kusho uZikalala.

Uthe babeke uR18.9 million ukuqeqesha osomabhizi­nisi abancane.

Uveze ukuthi bakhiphe imifundaze engu-10 bayinika intsha engasebenz­i, baxhasa abacwaning­i abancane abangu-12 abazogxila kwiLocal Economic Developmen­t, baxhasa osomabhizi­nisi abangu-14 abasiza umphakathi, baphinde bathuthuki­sa ulwazi lwabantu abangu-38 abagxile ekuthuthuk­isweni komnotho KwaZulu-Natal.

Uthe u-99.9% wezinkampa­ni zaseSwitze­rland ngezosomab­hizinisi abancane futhi yizona ezidala amathuba omsebenzi amaningi.

“Kufanele nathi sikopele eSwitzerla­nd sithuthuki­se osomabhizi­nisi abancane ngoba yizinkampa­ni zabo ezidala amathuba omsebenzi amaningi. Sinezinhle­lo eziningi zokusiza osomabhizi­nisi abancane ezifana neGijima Local Competitiv­eness Fund egxile ekulahlwen­i ngendlela kwemfucuza yasesibhed­lela. Sifake uR5 million kwiGijima kanti ukuqala kohlelo lokulahlwa kwemfucuza yasesibhed­lela ngendlela ehlelekile kudale amathuba omsebenzi angu-25,” kusho uZikalala.

Uthe osomabhizi­nisi baKwaZulu-Natal bazokwakha izihlalo zamaToyota Quantum akade akhiwa eJapan phambilini, asezokhiqi­zwa eProspecto­n (eSiphingo).

Uthe batshale uR5 million bewuhulume­ni kwathi iToyota Boshoku SA yafaka uR6.5 million.

Ukwakhiwa kwezihlalo kuzoqala ngoJuni, kuzodala amathuba omsebenzi ayisikhomb­isa. Osomabhizi­nisi bebeshaya izandla ngesikhath­i ekhuluma uZikalala. Bazishaye kakhulu ethi uzoyiqeda nya imicikilis­ho evimbela osomabhizi­nisi abancane ukusebenzi­sana nohulumeni.

Uthe uzokwenza isiqinisek­o sokuthi bakhokhelw­a masisha uma beqeda umsebenzi nohulumeni, uma bengakakho­khelwa babolekwe imali yokuqhuba ibhizinisi ukuze izinkampan­i zabo zingawi.

“BesiseMoza­mbique noMacingwa­ne (Willies Mchunu, ngoMsombul­uko) ukuze sitholele osomabhizi­nisi baKwaZulu-Natal amathuba okuhweba kuleliya lizwe. Kufanele sithi sithuthuki­sa umnotho ngaphakath­i sibheke nakwamanye amazwe ukuze silethe uguquko kwezomnoth­o sidale namathuba omsebenzi,” kusho uZikalala.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa