Isolezwe

Kuboshwe amadoda okuthiwa aqole ibhizinisi

- INTATHELI YESOLEZWE

KUBOSHWE amadoda amabili asolwa ngamacala okubamba inkunzi ibhizinisi, kwa-Z eMlaza.

Amadoda, abaneminya­ka ewu-20 no-26, azovela enkantolo yeMantshi eMlaza ngecala lokubamba inkunzi nokuzama ukubulala. Indoda etholwe nesibhamu ibekwe necala lokutholwa nesibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngoMsombul­uko ngezithuba zawo-10 ekuseni, amadoda amabili angene esitolo ehlome ngezibhamu afuna ngodli imali nama-airtime.

Kuthiwa athathe lezi zinto ase eyabaleka ngezinyawo. Kuvulwe icala lokubamba inkunzi esiteshini samaphoyis­a eBhekithem­ba. UColonel Mbele uthe amaphoyisa aphinde athola umbiko wokuthi kukhona esinye isitolo esibanjwe inkunzi kwa-AA abe eseya khona.

Ngesikhath­i esendlelen­i eya kule ndawo amaphoyisa abone amadoda afana nalowo achaze ukuthi abebamba inkunzi abe esewabajah­a. Kuthiwa amadoda adubulile ebhekise emaphoyise­ni, nawo adubula kwalimala indoda eyodwa.

Womabili amadoda aboshiwe. Indoda elimele itholwe nesibhamu nezimpahla zokwebiwa. Iyiswe esibhedlel­a lapho iqashwe khona ngamaphoyi­sa.

UColonel Mbele uthe enye indoda iyiswe esiteshini samaphoyis­a yavalelwa.

Uthe amaphoyisa asabheka isibhamu sesibili okuthiwa besiphethw­e yindoda yesibili.

Khonamanja­lo, kuboshwe indoda (34) eMlaza kwa-D ngesikhath­i amaphoyisa enomkhanka­so wokukhucul­ula izibhamu ezingekho emthethwen­i. Indoda itholakale nesibhamu esincane nezinhlamv­u eziwu-22. Isibhamu besikade sisuswe izinombolo. Ivele izolo enkantolo.

UColonel Mbele uthe zombili izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuthola ukuthi kazithinte­ki yini kwamanye amacala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa