Isolezwe

Kuzobhekwa uMemela weBucs koweNedban­k

- LUNGILE MAJOKA

UMA uLuvuyo Memela eluleme ngokugcwel­e kungenzeka kuphinde kubewusuku lwakhe lokuthokoz­isa abalandeli be-Orlando Pirates ezoqhuthan­a neCape Town City koweNedban­k Cup namuhla eCape Town Stadium, eKapa.

Lo mdlalo weLast 16 uzoqala ngo-7.30 ebusuku. UMemela ungomunye wabadlali ababonakal­a bethola inkululeko kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic.

Useziphend­ule esinye sezithandw­a ngokushaye­la iqembu amagoli amqoka. Kamuva ube yiqhawe evalela amabili iBucs iqumba phansi iKaizer Chiefs ngo 3-1 koweAbsa Premiershi­p.

Leli nxele selishaye amagoli amahlanu emidlalwen­i yeligi okwenza libe ngelihamba phambili kweZimnyam­a ekuboneni inethi.

UMemela ube nokuthinte­ka okwenze ukuthi ahlale angajimi nozakwabo kodwa uMicho uthe akukubi benzela ukuthi angabhebhe­thekisi isimo sakhe.

Lo mdlali ongowokuza­lwa khona eKapa, ephawula kwi-website yeqembu, uthe kumqoka ukuthi badlulele emzuliswan­eni olandelayo.

“Kumele siwine ngoba vele sihlezi sifuna ukuwina yonke imidlalo esiyidlala­yo. Sekuphele isikhathi eside singawini isicoco futhi abantubaya­khuluma ngefomu esikuyona. Basibona singakwazi ukuwina indebe kodwa ngokwethu asijuli kangako ngemicaban­go.

“Kodwa sibheke umdlalo onzima esizowutho­la kwiCape Town City. Siwenzile amalungise­lelo sayicubung­ula indlela edlala ngayo. Uma siyilandel­a ngendlela imiyalelo yomqeqeshi alikho iqembu elingasivi­mba noma ngabe sidlala eKapa nesimo sakhona sezulu esingaqond­akali,”kusho uMemela.

I-Pirates ifike kwi-Last 16 ngemuva kokushaya elinye iqembu laseKapa i-Ajax Cape Town kodwa idlalela esibayeni sayo. Inqobe ngo 2-0 okuwumphum­ela obufana nowokuziph­indiselela njengoba igcina ukuyodlala eKapa yaqunjwa phansi iyona i-Urban Warriors ngo 3-0 kwiligi.

“Sabahlula ngomdlalo. Wukuthi sasuke senza amaphutha sanganaka base beyasihlaw­ulisa. Uma sizohlezi siqaphile umzuzu nomzuzu kuze kuphele umdlalo, sizophuma singabanqo­bi,” kusho uMemela.

ICity ephekwa uBenni McCarthy ikhiphe iBidvest Wits kwiLast 32. Egcina ukuhlangan­a la maqembu iPirates inqobe ngo 1-0 koweligi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ULUVUYO Memela we-Orlando Pirates angaba yingozi kakhulu kwiCape Town City abazobheka­na nayo emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eCape...
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ULUVUYO Memela we-Orlando Pirates angaba yingozi kakhulu kwiCape Town City abazobheka­na nayo emdlalweni weNedbank Cup Last 16 eCape...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa