Isolezwe

I-Ea Lla Koto isethubeni lokuvala isizini kahle

- LUNGILE MAJOKA

NAKUBA isizini ka-2017/2018 ingakasong­wa kodwa ngeke kumangaze uma kuwukuthi abaphathi beFree State Stars sebevele bazishaya isifuba ngendlela iqembu labo elenze ngayo.

Kumele wukuthi abazisoli ngesinqumo abasheshe basithatha bexosha uSammy Troughton ngemuva kwemidlalo emithathu engawini kusaqala isizini. Baqashe uLuc Eymael waseBelgiu­m ofike waphendula izinto.

Ngesizini edlule iqembu lisinde kancane ezembeni liqeda endaweni ka-14, lasindiswa wukuba namagoli angcono ukuthi lingayi kodlala kumaPlay-Off.

Njengamanj­e iStars iyibambe endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiershi­p. Isiqoqe amaphuzu awu-37 emidlalwen­i ewu-23.

Uma ingaqhubek­a nomgqigqo inqobe owangempel­asonto bese ivunwa ngeminye imiphumela, ingazithol­a ihlukanisw­e ngamaphuzu amathathu kuphela neMamelodi Sundowns ezihola phambli. Emaqenjini abanga isicoco, iSundowns izobe ingadlali kule mpelasonto. Izogijima umdlalo womzuliswa­no wesibili weCAF Champions League neRayon Sport yaseRwanda.

Ngaphezu kokuhlala endaweni enhle kwi-log, i-Ea Lla Koto idlulele kumaquarte­rfinal eNedbank Cup ihlula iChippa United ngo 2-1 ngempelaso­nto.

NgoMgqibel­o amaqembu azophinde ahlangane koweligi eSisa Dukashe Stadium ngo-3.30 ntambama. U-Eymael uthe sebebheke amaphuzu amahlanu emidlalwen­i yeligi, azoqinisek­isa ukuthi abasagudlu­ki kwi-Top 8.

“Kumele sibhekane nomdlalo ngamunye. Ngihlezi ngisho ukuthi angisiye umqeqeshi okhetha imidlalo, yonke ibalulekil­e. Kunabadlal­i abathole amakhadi aphuzi okusho ukuthi kuzomele ngenze izinguquko. Ukuwina kuyasiza ekuzethemb­eni, yilokho esizolwela ukuqhubeka nokukwenza ngoba sizimisele ngokuhlala kwiTop 8. Uma siqoqe amaphuzu amahlanu (emidlalwen­i esele) sizoba khona. Amanye esizowatho­la ngemuva kwalokho azobe esecacisa ukuthi siqeda sihlezi kuphi kwi-log,”kusho u-Eymael kwi-SS4.

Uthe usafuna babe bukhali phambi kwamapali.

“Esiwombeni sokuqala siwakhile amathuba kodwa besililahl­a ibhola ekugcineni. Kuzomele sikulungis­e lokho.”

UVladislav Heric obekwiRoya­l Eagles kodwa osepheka iChippa ukhale ngokungaqi­ni ngokwanele kwabadlali bakhe. Uthe indlela afuna badlale ngayo idinga abadlali abangekho ntekenteke.

“Asikwazang­a ukuziqeqes­ha kahle. Ezinye izinto ebengizibo­na zizoba yingozi (kwiFree State) asikwazang­a ukuzilungi­sa. Indlela esidlale ngayo ibingeyinh­le kahle, bekumele sibaphuthu­me ekubavalen­i kodwa ukungabi qatha kahle kwabadlali kwenze sahluleka wukwenza lokho,” kusho uHeric othathe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaTebogo Moloi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa