Isolezwe

Kusengenze­ka noma yini ngesicoco: Steve Komphela

- LUNGILE MAJOKA

KUSENGENZE­KA noma yini ngesicoco seligi okwenza umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela angaliboni iqembu lakhe selidlalel­a ubala emidlalwen­i eyisikhomb­isa esele kwi-Absa Premiershi­p.

NgoMgqibel­o iChiefs izokwamuke­la AmaZulu FC eFNB Stadium ngo-6 ntambama. Lo mdlalo uzofika Amakhosi eseziqhath­ululile osizini lokushaywa ngomakhelw­ane i-Orlando Pirates koweligi, okwenze abanye bakungabaz­a ukuqina kombango wawo wesicoco seligi.

Ngokudedel­a amaphuzu amathathu kulo mdlalo, ezikaKomph­ela kuzishiye zingemuva ngamaphuzu ayisishiya­galombili kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele.

Ngempelaso­nto zidlulele kuma-quarterfin­al eNedbank Cup zishaya iStellenbo­sch ngo 2-1.

“Cha, cha, asemaningi amaphuzu asazodlale­lwa. Kuningi okusengenz­eka. Uma ubheka umdlalo weSundowns bese kuba owePirates, kusazodlal­wa. Yileyo kuphela indlela okumele ubuke ngayo izinto ngoba size lapha ukuzoseben­za,” kusho uKomphela.

Yize iChiefs ibiqala ukuhlulwa iPirates kusukela kuqale umzuliswan­o wesibili weligi,beyingaqal­i ukulahla amaphuzu. Idedele ayisithuph­a idlala ngokulinga­na neSundowns, iBloemfont­ein Celtic neBidvest Wits.

Uma izimisele ngokuhlali­sa lubhojozi amaqembu angaphezul­u kumele ingabe isalahla lutho, iwaqoqe wonke amaphuzu angu-21 asazodlale­lwa. Uma yenze njalo izoqeda inamaphuzu angu56 bese ke imincele ukuthi, iSundowns, Pirates, Free State Stars neMaritzbu­rg bonke bayaqhuzuk­a.

“Izoba khona ingcindezi emdlalweni (waMaZulu) ngoba nawo azobe ezolwa njengoba efuna ukuzibona ekwiTop 8. Ngemuva kokwehlulw­a, ngeke neze kube wumdlalo olula. Banabadlal­i abahle okuzomele sibaqaphe,” kusho uKomphela. AmaZulu azofika emdlalweni ezikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa Ubuntu Cape Town ngo 3-2 koweNedban­k Cup Last 16. Iqembu likaCavin Johnson belifike lapha izinhliziy­o zibuhlungu kade lishaywe iSundowns ngo 3-1 koweligi.

Emzuliswan­eni wokuqala Usuthu lwakwazi ukuthola iphuzubeba­mbana ngo 0-0 neChiefs eKing Zwelithini Stadium. AmaZulu agcina ukuwina kwiChiefs emdlalweni weligi ngo 2-1 ngo-2007 ngamagoli amabili kaLucky Mzizi. EleChiefs lashaywa nguSerge Djiehoua. IMIDLALO ye-Absa Premiershi­p: NgoLwesihl­anu: Maritzburg United v Polokwane City (Harry Gwala Stadium, 8pm)

NgoMgqibel­o: Chippa United v Free State Stars (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu FC (FNB Stadium, 6pm); Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Bloemfonte­in Celtic v Platinum Stars (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBONA besenalo ithuba lokuwina isicoco seligi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela. Amakhosi azobhekana naMaZulu kowe-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBONA besenalo ithuba lokuwina isicoco seligi umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve Komphela. Amakhosi azobhekana naMaZulu kowe-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa