Isolezwe

ISILOMO SE-MARITZBURG SISOLE I-EAGLES NGOKUZITHW­ALA

-

ISIPHEKEPH­EKE seMaritzbu­rg United esisethube­ni lokuba wumdlali wonyaka, uSiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu, siveze ukungahosh­elani okukhona phakathi kweTeam of Choice neRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division (NFD).

NgokukaNdl­ovu ophinde waqokwa njengovele­le koweNedban­k Cup Last 16, ngesikhath­i la maqembu abanga iHarry Gwala Stadium, edlala KwaMashu, i-Eagles abakwazi ngisho ukudlala nayo eyobungani, yize besondelen­e, ngoba inokuzithw­ala.

“Size lapha sazi kahle ukuthi sizolwa. Nangempela umdlalo ubuyimpi ngaphezulu kokuthi kukhulume ibhola. Ngeneme ukuthi sinqobile sacacisa ukuthi obani iqembu laseMphith­i ngempela,” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi kungani ekhuluma kanjena ngomakhelw­ane bakhe lo mdlali uyilandile indaba.

“Angikholwa ukuthi singomakhe­lwane ngoba asizwani ngisho amandla nabo. Kungenzeka ukuthi yilokhu kuzithwala kwabo kodwa akubona abantu esisondele­ne nabo,” usho kanje uPotshoza esecijise izindlebe ePrincess Magogo Stadium.

Nomqeqeshi weMaritzbu­rg, uFadlu Davids ukuvezile lokhu ngesikhath­i etshela abezindaba ukuthi yize iqembu lakhe libunjwe ngabafana abancane kunabeEagl­es ngokweminy­aka kodwa umphumela weNedbank ucacise abafana emadodeni.

“Kumele uzibuze ukuthi kungani amaqembu amabili asebenzisa iHarry Gwala kodwa adlalele KwaMashu. Konke lokhu kuyizinkom­ba zokuthi ziningi izinkinga ezikhona. Ngokwami lesi sinqumo (sokuyisa umdlalo KwaMashu) sikucacise kwasobala ukuthi kukhona abathi bangabaseM­phithi kodwa akunjalo,”kusho uNdlovu.

Iqhawe lakho selingakus­ho ukuthi i-Eagles ithe iqome iMagogo ngoba bekuzoshib­ha ngoR3 000 ukwenza lokho. bayozihlal­ela esixukwini ngoba onogada abami lapho kufanele bame khona.

UPotshoza unakile ukuthi lapho bekubiywe khona ngocingo sekufakwe i-concrete fence. Nokho kubukeka kungazange usize ngalutho lokhu ngoba abantu sebevele bame phezu kodonga oluhamba luxhume i-concrete esanda kufakwa.

Umbuzo kaPotshoza uthi kungani kungafakwa izinto ezihlabayo phezu kodonga ukuze abantubang­akwazi ukuma phezu kwalo? Onogada bona yini ebavimbayo ukuthi basondele eduze kwalapho kweqa khona abalandeli? Amaphoyisa asuke ezibukela ibhola esikhundle­ni sokulwa nale nkinga yabantu abangena enkundleni mahhala. Stadium ngeSonto ngo-3.30 ntambama. Okwenze lo mdlalo sawuyisa eMlaza yingoba sisekwa kakhulu ngabafundi nabasebenz­i baseMangos­uthu University of Technology. Amathikith­i abiza u-R20 kanti siwadayisa ngoR30 ngosuku lomdlalo,” kusho uDlamini. I-Kings iyibambe endaweni yesibili kwi-log yeNFD.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa