UBaxter weshela umqeqeshi wePirates
LIQINISWE nangephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, iqembu leBafana Bafana elizoyibamba emqhudelwaneni iFour Nations Tournament.
IBafana izofulathela leli ngoMashi 19 ukuyodlala emqhudelwaneni ohlanganisa iZambia, Zimbabwe ne-Angola. Uzoqala ngoMashi 22 kuya kuMashi 23 eLevi Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia.
Ngosuku lokuqala kuzogadulisana iZambia neZimbabwe kulandele iBafana ne-Angola ntambama. Amaqembu awinile azodlala kowamanqamu ngakusasa khona eNdola. Kuzovula ahluliwe.
Izolo ngesikhathi umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, ememezela iqembu lakhe uveze ukuthi umeme noMokwena oyiphini likaMulutin Sredojevic kwiPirates,ukuthi abe seqembini elithakwe ngabadlali abasebancane abambalwa abanamava. UMokwena uzoba sekhempini yeBafana e-Orlando Stadium ngoMsombuluko.
Kuvele ukuthi uBaxter ufuna uMokwena azobona ukuthi angathanda yini ukuqeqesha emaqenjini esizwe. UBaxter usafake isicelo kwiSouth African Football Association (Safa) sokuqashelwa ngokugcwele abaqeqeshi bamaqembu asemancane lapho uMokwena emcabangela khona.
“Kuwumsebenzi wami njengomqeqeshi weqembu lesizwe ukuthuthukisa abadlali nabaqeqeshi eNingizimu Afrika. URulani ungomunye wabaqeqeshi abanesiphiwo. Ngifuna azosiveza eqenjini lesizwe. Uma eyithandile indlela esisebenza ngayo sizobona ukuthi senze njani. Ngiyethemba naye unaso isifiso sokusebenzela iqembu lesizwe,”kusho uBaxter.
“E-England iqembu lesizwe lakhona lake laqeqeshwa nguSven Goran Erikson waseSweden, abezindaba bakhona bemthanda. Kodwa babefuna ukuthi iqembu lesizwe liqeqeshwe ngumqeqeshi wakhona nase-Italy ngokunjalo. Ngikusho lokhu ngaphandle kokucwasa. Ngiyawuthanda umsebenzi wami wokuba ngumqeqeshi weBafana Bafana kodwa ngokomthetho kufanele iqeqeshwe ngumqeqeshi walapha eNingizimu Afrika. Ngiyethemba ukuthi oyedwa phakathi kukaRulani noThabo(Senong) uzoba ngumqeqeshi weBafana ngomuso.”
UBaxter uqunge isibindi wabiza abadlali abasebancane, abanye abangakaze baligqoke ijezi leqembu lesizwe kodwa iningi labo elisefomini. Uthe leli yigxathu elibheke ekwakheni kabusha iBafana ehlulekile ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ozoba seRussia ngoJuni. Kulaba badlali kukhona uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu weMaritzburg United osanda kuqokwa ngokuba ngumdlali ovelele wenyanga kwi-Absa Premiership.
“Leli yithuba lokuvuselela iqembu negxathu elibheke ezinguqukweni endleleni esibheka ngayo izinto nokuthi zenzeka kanjani. Sihlulekile ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngeqembu eliqinile. Kulokhu sinika abadlali abasebancane ithuba lokuzibonakalisa. Sibaxuba nabanamava ngoba asifuni ukubafaka emphandwini wezingonyama. Lokho siyakwenza singabaqeqeshi kodwa uma sebehluleka siphelelwe yimisebenzi,”kusho uBaxter.
“Bengingabiza abadlali abajwayele ukuba seqenjini, ngiphephe. Kodwa ngifuna ukunika laba badlali ithuba lokuqhakaza, hhayi ukuthi bahluleke. Kufanele ngibe nesibindi sokubanika ithuba. Siyafuna ukuwuwina umqhudelwano. Ngiyazi kuzoba khona ukungeneliseki kubalandeli kodwa ngeke ngikunake lokho. Ngifuna amaqembu akubone ukubaluleka kokudedela laba badlali.” Selilonke iqembu: Onozinti Itumeleng Khune, Brandon Peterson noDarren Keet
Izitobha: Reeve Frosler, Ramahlwe Mphahlele, Daniel Cardoso, Buhlebezwe Mkhwanazi, Innocent Maela, Sifiso Hlanti, Thulani Hlatshwayo, Motjeka Madisha
Abasesiswini: Keagan Dolly, Themba Zwane,Siphesihle Ndlovu, Teboho Mokoena, Aubrey Modiba, Thembinkosi Lorch, Dean Furman, Kamohelo Mokotjo, Bongani Zungu, Phakamani Mahlambi noSibusiso Vilakazi
Amafolosi: Percy Tau, Lebo Mothiba noRyan Moon