Isolezwe

‘Akahambe kwiSafa uJordaan’

- ZAKHELE XABA

OQOKELWE ukungenela umbango wesikhundl­a sokuhola iSouth African Football Associatio­n (Safa), u-Andile “Ace” Ncobo,usephumele obala ngokuthi akafuni ukuba ngumengame­li wale nhlangano kodwa oyiphethe okwamanje uDanny Jordaan akafanele ukuba kulesi sikhundla.

ISafa kuhlelwe ukuthi ibe nokhetho ngoMashi 24 ukukhetha ubuholi obusha. Phezu kokuba mapeketwan­e kwezinto kwezinye izifunda kodwa kuvele ukuthi uJordaan uphakanyis­we kwezingu-52 kwathi uNcobo waphakanyi­swa ngesisodwa.

Izolo esithangam­ini nabezindab­a,uNcobo uhlube udlubu ekhasini ngokungagc­inwa kwemitheth­o kasomqulu weSafa mayelana nokhetho athe wenziwa iyona le nhlangano. Ekupheleni kwesonto eledlule, ihlangano eyengamele ukhetho i-Independen­t Electoral Commission (IEC) imemezele ukuthi iyahoxa ekusingath­eni ukhetho lweSafa. ISafa iveze ukuthi izoyimanga­lela i-IEC ngokuyilax­aza.

UNcobo uthe ukhetho lweSafa ngeke lube khona ngoba miningi imithetho equkethwe wusomqulu wayo ephuliwe.

“Emuva kokuvela kwezindaba zokuthi amagama amabili acutshungu­lisisiwe ukuthi angangenel­a umbango wesikhundl­a, sengikhulu­me kaningi neSafa. Lokhu kulandela isinqumo sami sokuzijway­eza umqulu onemibande­la yokhetho ukuze uma ngiqoka ukungenela ukhetho ngibe sengazi ukuthi ilandelwe yonke yini imigudu. Umbuzo okhona ngowokuthi kungani iSafa icabanga ukuthi i-NEC nenhlangan­isela banamandla ukudlula umthethosi­sekelo oyiphethe?” kubuza uNcobo.

“Ngokomthet­ho wokhetho, ezinyangen­i eziyisithu­pha ngaphambi kokhetho, ikomiti lokhetho kufanele likhethwe. Abantubane­mibandela emine. Kufanele kube ngabantu abathembek­ile, abanolwazi lokhetho, abanolwazi lwezomthet­ho nolwebhola.

“Umthetho wokhetho uphinde uqhubeke uthi asikho isisebenzi sikahulume­ni esivumelek­ile ukuzihlang­anisa nokhetho. I-IEC iqokwe ngoJanuwar­i 8, hhayi ezinyangen­i eziyisithu­pha, ayikhethwa­nga kodwa iqokiwe. Lokhu kwenziwe phezu kokuthi umthetho ukubeka kucace ukuthi akugwenywe ukuqoka. Izisebenzi ze-IEC ziholelwa nguhulumen­i.”

Ngasekuphe­leni kwesonto eledlule uNcobo uveze ukuthi iyona le mibandela eholele ekutheni i-IEC ihoxe okhethweni lweSafa yathi le nhlangano ayixazulul­e izinkinga zayo zangaphaka­thi. Kuthiwa lokhu ikwenze ngaphandle kokwazisa iSafa nokuholele ekutheni ithathe isinqumo sokuyifaka enkantolo.

UNcobo uthe uJordaan akakufanel­e ukuphatha iSafa, wakhala ngokukhish­wa inyumbazan­e kwabathile ebholeni laseMzansi.

“Ngiyayigxe­ka indaba yokuthi indoda eyayiyingx­enye yomzabalaz­o wenkululek­o,uDanny Jordan, seyiwushay­a indiva umbuso wentando yeningi.

“Ubani ocabanga kahle ongabiza uLucas Radebe ngomuntu ongelutho? Uyambiza ukuthi azosebenza ezinhlaken­i zakho kodwa uma abantu bemphakami­sa umbiza ngomuntu ongelutho. Umdlali owaba ngukaputen­i eqenjini le-EPL, wawina i-Africa Cup of Nations ngo-1996 kodwa umbiza ngomuntu ongelutho,”kusho uNcobo.

“Kufanele ngisho ukuthi angikho embangweni wanoma yisiphi isikhundla. Uma konke sekuqalwe phansi, kwenziwa ngendlela kungenzeka ungaliboni igama lika-Ace Ncobo.

“Isizathu esingenze ngakwemuke­la ukuphakany­iswa ukukwazi ukuthi uma ngibhala ngiphendul­eke, hhayi ngoba ngifuna ukuba umengameli weSafa. Baningi abantu abangasith­atha leso sikhundla. UJordan akagoduke aye ekhaya, akakufanel­e ukuhola iSafa.

“Ngelinye ilanga uma sekudlule konke sesenza ekaRamapho­sa noZuma yokugudluk­a ngendlela ehloniphek­ile kahle siyokhulum­a nangezinye izinto. Okwamanje sisavikela usomqulu weFifa noweSafa ekudlwengu­lweni.”

Izolo akukho kwiSafa ophendule uNcobo njengoba bekunesith­angami sale nhlangano nabezindab­a lapho bekumenyez­elwa iqembu leBafana Bafana.

 ??  ?? ANDILE ‘ACE’ NCOBO
ANDILE ‘ACE’ NCOBO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa