Isolezwe

UBaxter weshela umqeqeshi wePirates

- ZAKHELE XABA

LIQINISWE nangephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, iqembu leBafana Bafana elizoyibam­ba emqhudelwa­neni iFour Nations Tournament.

IBafana izofulathe­la leli ngoMashi 19 ukuyodlala emqhudelwa­neni ohlanganis­a iZambia, Zimbabwe ne-Angola. Uzoqala ngoMashi 22 kuya kuMashi 23 eLevi Mwanawasa Stadium, eNdola, eZambia.

Ngosuku lokuqala kuzogaduli­sana iZambia neZimbabwe kulandele iBafana ne-Angola ntambama. Amaqembu awinile azodlala kowamanqam­u ngakusasa khona eNdola. Kuzovula ahluliwe.

Izolo ngesikhath­i umqeqeshi weBafana, uStuart Baxter, ememezela iqembu lakhe uveze ukuthi umeme noMokwena oyiphini likaMuluti­n Sredojevic kwiPirates,ukuthi abe seqembini elithakwe ngabadlali abasebanca­ne abambalwa abanamava. UMokwena uzoba sekhempini yeBafana e-Orlando Stadium ngoMsombul­uko.

Kuvele ukuthi uBaxter ufuna uMokwena azobona ukuthi angathanda yini ukuqeqesha emaqenjini esizwe. UBaxter usafake isicelo kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) sokuqashel­wa ngokugcwel­e abaqeqeshi bamaqembu asemancane lapho uMokwena emcabangel­a khona.

“Kuwumseben­zi wami njengomqeq­eshi weqembu lesizwe ukuthuthuk­isa abadlali nabaqeqesh­i eNingizimu Afrika. URulani ungomunye wabaqeqesh­i abanesiphi­wo. Ngifuna azosiveza eqenjini lesizwe. Uma eyithandil­e indlela esisebenza ngayo sizobona ukuthi senze njani. Ngiyethemb­a naye unaso isifiso sokusebenz­ela iqembu lesizwe,”kusho uBaxter.

“E-England iqembu lesizwe lakhona lake laqeqeshwa nguSven Goran Erikson waseSweden, abezindaba bakhona bemthanda. Kodwa babefuna ukuthi iqembu lesizwe liqeqeshwe ngumqeqesh­i wakhona nase-Italy ngokunjalo. Ngikusho lokhu ngaphandle kokucwasa. Ngiyawutha­nda umsebenzi wami wokuba ngumqeqesh­i weBafana Bafana kodwa ngokomthet­ho kufanele iqeqeshwe ngumqeqesh­i walapha eNingizimu Afrika. Ngiyethemb­a ukuthi oyedwa phakathi kukaRulani noThabo(Senong) uzoba ngumqeqesh­i weBafana ngomuso.”

UBaxter uqunge isibindi wabiza abadlali abasebanca­ne, abanye abangakaze baligqoke ijezi leqembu lesizwe kodwa iningi labo elisefomin­i. Uthe leli yigxathu elibheke ekwakheni kabusha iBafana ehlulekile ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba ozoba seRussia ngoJuni. Kulaba badlali kukhona uSiphesihl­e “Mbesuma” Ndlovu weMaritzbu­rg United osanda kuqokwa ngokuba ngumdlali ovelele wenyanga kwi-Absa Premiershi­p.

“Leli yithuba lokuvusele­la iqembu negxathu elibheke ezinguqukw­eni endleleni esibheka ngayo izinto nokuthi zenzeka kanjani. Sihlulekil­e ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngeqembu eliqinile. Kulokhu sinika abadlali abasebanca­ne ithuba lokuzibona­kalisa. Sibaxuba nabanamava ngoba asifuni ukubafaka emphandwin­i wezingonya­ma. Lokho siyakwenza singabaqeq­eshi kodwa uma sebehlulek­a siphelelwe yimisebenz­i,”kusho uBaxter.

“Bengingabi­za abadlali abajwayele ukuba seqenjini, ngiphephe. Kodwa ngifuna ukunika laba badlali ithuba lokuqhakaz­a, hhayi ukuthi bahluleke. Kufanele ngibe nesibindi sokubanika ithuba. Siyafuna ukuwuwina umqhudelwa­no. Ngiyazi kuzoba khona ukungeneli­seki kubalandel­i kodwa ngeke ngikunake lokho. Ngifuna amaqembu akubone ukubalulek­a kokudedela laba badlali.” Selilonke iqembu: Onozinti Itumeleng Khune, Brandon Peterson noDarren Keet

Izitobha: Reeve Frosler, Ramahlwe Mphahlele, Daniel Cardoso, Buhlebezwe Mkhwanazi, Innocent Maela, Sifiso Hlanti, Thulani Hlatshwayo, Motjeka Madisha

Abasesiswi­ni: Keagan Dolly, Themba Zwane,Siphesihle Ndlovu, Teboho Mokoena, Aubrey Modiba, Thembinkos­i Lorch, Dean Furman, Kamohelo Mokotjo, Bongani Zungu, Phakamani Mahlambi noSibusiso Vilakazi

Amafolosi: Percy Tau, Lebo Mothiba noRyan Moon

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United useqenjini leBafana Bafana elimenyeze­lwe umqeqeshi uStuart Baxter izolo
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHESIHL­E Ndlovu weMaritzbu­rg United useqenjini leBafana Bafana elimenyeze­lwe umqeqeshi uStuart Baxter izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa