Isolezwe

OweCeltic uvuma iphutha kuze kuteleke abadlali

- LUNGILE MAJOKA noMINENHLE MKHIZE

USIHLALO weBloemfon­tein Celtic, uMax Tshabalala, uvuma iphutha lokungabak­hokheli abadlali imali yokusayina izinkontil­eka ezintsha neqembu, okugcine ngokuthi bateleke.

Ngempelaso­nto, abadlali beCeltic badube ukujima ngemuva kokuthi iqembu lingazange lisigcine isivumelwa­no sokubakhok­hela imali yabo. Lokhu bakwenze ngoMgqibel­o ngaphambi komdlalo weNedbank Cup Last 16, abahlule kuwo iRichards Bay FC ngeSonto.

Ngokuthola kweSolezwe bakhona abadlali abayithola imali ngaphambi komdlalo kodwa kuze kwashaya uLwesibili ntambama abanye bengakakho­khelwa, okwenze baphinde badube ukujima.

“Kuyiqiniso okubikiwe. Kodwa kusukela namuhla (izolo) abadlali bonke sebekhokhe­liwe. Siyavuma iphutha libe ngakithina. Abadlali bekuyilung­elo labo ukuthi balwele okubafanel­e. NgoLwesihl­anu sabathembi­sa ukuthi bazokhokhe­lwa kodwa ngenxa yezinkinga zemali emabhizini­sini sangakwazi ukubakhokh­ela bonke. Mhlawumbe u-40% wabo owakhokhel­eka. Kudingeke ukuthi sibakhokhe­le ngamaqoqo. Yingakho ngithi siyaxolisa kubona nakubaland­eli bethu ngoba le nto ayakhi isithombe esihle ngeqembu,” kusho uTshabalal­a.

Iqembu likaTshaba­lala alikho embangweni wesicoco se-Absa Premiershi­p kodwa lilwela iTop 8 njengoba lihleli endaweni yesishiyag­alolunye kwilog.

Uma lingaqeda kwiTop 8 lizothola imali engekho ngaphansi kuka-R1 million.

ISiwelele siyazama emidlalwen­i yomkhumula­jezi. Sihlulwe kowamanqam­u weTelkom Knockout saphunyukw­a yisheke likaR4 million. Iqembu ligcine lithole umthobanhl­iziyo kaR1.5 million.

Ngokudlule­la kuma-quarterfin­al eNedbank Cup selizohlom­ula ngoR400 000. Ompetha balo mqhudelwan­o bathola uR7 million. “Akulula ukuphatha iqembu lebhola. Sithola uR4 million kuphela kubaxhasi bethu unyaka wonke. Leyo akuyona imali ongagcina ngayo izidingo zeqembu lebhola. Okusho ukuthi kudingeka sisebenzis­e imali yamabhizin­isi ethu siyifake ebholeni.

“Mhlawumbe abantu bazitshela ukuthi ngikhuluma ngemali engatheni obekumele ngiyikhokh­ele abadlali. Lapha ngikhuluma cishe ngemali elinganise­lwa kuR9.1 million okumele ikhokhwe. Uma kukhulunyw­a ngemali yesivumelw­ano sezinkonti­leka, abanye abadlali bakhokhelw­a uR1 million noma uR500 000. Kodwa engikugciz­elela kakhulu wukuthi siyaxolisa kubona. Benze okufanele futhi akekho ozojezizwa,” kusho uTshabalal­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa