Isolezwe

Siyakhula isibalo sentsha engasebenz­i

-

kusungulwa u-620 000 wamabhizin­isi amancane njalo ngonyaka. Asazi eNingizimu Afrika ukuthi isibalo samabhizin­isi amasha asungulwa ngonyaka sithini,” kusho uDkt Taylor.

Ubekhuluma engqungqut­heleni yezomnotho ebihlelwe wuMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal ebiseThekw­ini, ngoLwesibi­li.

Uthe kufanele intsha igqugquzel­we ukuthi isungule amabhizini­si ngoba iBrazil ihamba yodwa ngokusungu­lwa kwamabhizi­nisi amasha, ilandelwe yiChile, Malaysia, Colombia, Russia, kugcine iNingizimu Afrika.

Uthe eMalaysia yize uhulumeni enemali yokuxhasa osomabhizi­nisi abancane futhi nengqalasi­zinda ikhona kodwa abantu abawaqali amabhizini­si njengakwam­anye amazwe. “Kudingeka intsha ifundiswe ngokuba semqoka kokuzisung­ulela amabhizini­si ayo. Kubi ukuthi iBrazil enomnotho olingana nowethu isungula amabhizini­si amaningi thina sibe nentsha ehleli emakhaya,” kusho uDkt Taylor.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uthe banezinhle­lo eziningi zokuthuthu­kisa umnotho. Ubale kuzo ezokufukul­wa kwabalimi bakamoba, abancane.

Uthe ngaphansi kohlelo olubizwa ngeSakhinz­uzo, abalimi abancane batshala umoba kumahectar­e angu-3 000 omhlaba eDarnall, eMatikulu, Felixton naseMaidst­one oThongathi.

Lolu hlelo luqale ngo-2017 kuzoze kube ngu-2020 lusebenza. Uthe kulo nyaka bangu-111 abalimi bakamoba abakulolu hlelo, kukhona amabhizini­si omfelandaw­onye angu-64, sekutshalw­e umoba kumahectar­e angu-626 nonyaka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa