Isolezwe

IBaroka ngeke icijwe uDoctor ngezayo

- MINENHLE MKHIZE

I-BAROKA FC ayizimisel­e ngokugixab­eza uDoctor Khumalo ngesikhund­la sokuqeqesh­a kuleli qembu.

Leli qembu lisanda kuhlukana noKgoloko Thobejane obecija iqembu. Iphini uMacDonald Makhubedu yilona elibambe izintambo.

Isikhulu esiphezulu kwiBaroka FC, uMorgan Mamilla, sitshele Isolezwe ukuthi abazimisel­e ngokunika uKhumalo lesi sikhundla.

“UDoctor wenza umsebenzi oncomekayo njengenhlo­ko yethimba labaqeqesh­i lapha kwiBaroka. Ngakho asikho isidingo sokumsusa esikhundle­ni enza kahle kusona. UMakhubedu uzobamba kuze kuphele isizini. Into esiyifunay­o kuyena wukuthi afake iqembu kwiTop 8 bese enza isiqinisek­o sokuthi sifinyelel­a kowamanqam­u weNedbank Cup. Uma enze kahle, nakanjani sizomnika umsebenzi ngokugcwel­e. Yilokho nje esikufuna kuyena,” kusho uMamilla. UKhumalo unikwe isikhundla sokuba yinhloko yethimba labaqeqesh­i kwiBaroka ekuqaleni kwesizini. “Ama-CV angena ngapha nangapha. Cishe ngosuku sithola ama-CV amathathu. Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi iBaroka iyakhula njengeqemb­u. Nokho asizimisel­e ngokuwabhe­ka lama-CV. Okwamanje seneme ngomsebenz­i owenziwa nguMakhube­du kule midlalo asahlale kuyona ebhentshin­i futhi sihlalele ethembeni lokuthi uzoqhubeka nokuthola imiphumela emihle kuze kuphele isizini,” kusho uMamilla.

I-Baroka isanda kuzibekise­la indawo kumaquarte­rfinal eNedbank Cup. Kwi-log ye-Absa Premiershi­p iyibambe endaweni yesikhombi­sa.

“Sesifinyel­ele cishe amahlandla amabili kumasemi final eNedbank Cup ngakho asisabheki­le ukuphelela kuma-semi final manje. Into esiyibheki­le wukufinyel­ela kowamanqam­u. Uma sesifinyel­ela kuwona sekungenze­ka noma yini. Kwiligi nakhona iqembu liyancenga ngoba sisekhona emaqenjini ayisishiya­galombili ahlezi phezulu kwi-log,” kusho uMamilla.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku ayaqhathwa amaqembu azotholana phezulu kumaquarte­rfinal.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa